Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




URuthe 2:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 UJehova makakuvuze ngomsebenzi wakho, umvuzo opheleleyo uphiwe nguJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, othembele phansi kwamaphiko akhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 UJehova makakuvuze ngomsebenzi wakho, uphiwe umvuzo opheleleyo nguJehova uNkulunkulu ka-Israyeli oze ukuba uphephele phansi kwamaphiko akhe.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Sengathi uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli oze ukuzokhosela phansi kwamaphiko akhe angakubusisa ngakho konke okwenzileyo, akuphe umvuzo opheleleyo.”

Gade chapit la Kopi




URuthe 2:12
29 Referans Kwoze  

Yeka ubukhulu bomusa wakho, Nkulunkulu! ngalokho abantwana babantu babeka ithemba labo ethunzini lamaphiko akho.


Ngezimpaphe zakhe uyakukusibekela, uthembele phansi kwamaphiko akhe; iqiniso lakhe liyisihlangu nesihlangu sakho.


Ngokuba ulusizo lwami, ngalokho ngiyakwethaba ethunzini lamaphiko akho.


Ngigcine njengenhlamvu yeso, ungifihle ngaphansi komthunzi wamaphiko akho,


Ngiyakuhlala etendeni lakho kuze kube phakade; ngiyethemba endaweni yokucasha yamaphiko akho. Sela.


Ngokuba uNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nomshikashika wothando enalubonakalisa kulo igama lakhe, ngokukhonza abangcwele, nisabakhonza.


wathi ukuthukwa kukaKristu kuyingcebo enkulu kunengcebo yaseGibithe, ngokuba wayebheke umvuzo.


Ngokuba uma umuntu efumana isitha sakhe, uyakusikhulula na? ngalokho uJehova uyakukuvuza kahle ngalokho okwenze kimi namuhla.


URuthe wasesithi: Ungangincengi ukuthi ngikutshiye, ngibuye ngikulandele; ngokuba lapho uya khona, ngiyakuya khona nami; nalapho nilala khona, nami ngiyakulala khona; abantu bakini bayakuba ngabantu bami, noNkulunkulu wakho abe nguNkulunkulu wami.


Kumholi wokuhlabelela, u-Altashiti, uMikitamu kaDavide, ekubalekeni kwakhe uSawule emhumeni. Ngihawukele, Nkulunkulu, ngihawukele, ngokuba umphefumulo wami wethemba wena, yebo, emthunzini wesandla sakho. Amaphiko ngizophephela kuze kuphele lezi zinhlekelele.


Kepha ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa, ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.


Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke ningathembi lutho; umvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe-ngabantwana boPhezukonke, ngokuba yena unomusa kwabangabongiyo nababi.


Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunywe kuwe, kukangaki ngithanda ukubuthela ndawonye abantwana bakho, njengesikhukhukazi sibuthela amatshwele aso ngaphansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga!


Jabulani nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini, ngokuba babazingela kanjalo abaprofethi abanandulele.


Kusukela khathesi ngibekelwe umqhele wokulunga, ezanginika wona ngalolosuku iNkosi, umahluleli olungileyo, kungeyisimi ngedwa, kodwa lakubo bonke abathanda ukubonakala kwayo.


INkosi mayimnike ukuba athole umusa eNkosini ngalolo suku, nokuthi zingaki izinto angikhonza ngazo e-Efesu, uyakwazi wena kahle.


Xwayani ukuba ukulunga kwenu ningakwenzi phambi kwabantu ukuba nibonwe yibo; uma kungenjalo, aninamvuzo kuYihlo osezulwini.


Ngokuba kukhona isiphetho impela; nethemba lakho aliyikunqunywa.


Omubi wenza umsebenzi wenkohliso, kepha ohlwanyela ukulunga unomvuzo omisiwe.


Ngakho omunye uyakuthi: Impela, kukhona umvuzo kwabalungileyo; impela unguNkulunkulu owahlulelayo emhlabeni.


Futhi, inceku yakho iyaxwayiswa yizo, futhi ukuzigcina kukhona umvuzo omkhulu.


Makungabikho muntu onikhohlisayo ngomvuzo wenu ngokuthobeka kokuzithandela nangokukhonza izingelosi, engena engakubonanga, ezikhukhumeza ngeze ngengqondo yenyama yakhe;


UBhowazi waphendula, wathi kuye: “Sekubonakalisiwe kimi ngokugcwele konke okwenzile kunyokozala selokhu kwafa umyeni wakho, nokuthi washiya kanjani uyihlo nonyoko nezwe lokuzalwa kwakho, futhi wafika kubantu owawungabazi ngaphambili.


Wathi: “Mangithole umusa emehlweni akho, nkosi yami; ngokuba ungiduduzile, wakhuluma kahle kuyo incekukazi yakho, nakuba ngingenjengenye yezincekukazi zakho.


Uzakuba ngumbuyisi wempilo yakho, lomondli ebudaleni bakho, ngoba umalokazana wakho okuthandayo, ongcono kuwe kulamadodana ayisikhombisa umzele.


Usho kanje uJehova, uthi: “Bambisa izwi lakho ekukhaleni namehlo akho ezinyembezini, ngokuba umsebenzi wakho uyakuba nomvuzo,” usho uJehova; futhi bayobuya ezweni lesitha.


Manje bheka, ngiyazi kahle ukuthi uyakuba yinkosi impela, nokuthi umbuso wakwa-Israyeli uyakuqiniswa esandleni sakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite