Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 9:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Bagcina iPhasika ngosuku lweshumi nane lwenyanga kusihlwa ehlane laseSinayi; njengalokho uJehova emyalile uMose, benze njalo abantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Balenza-ke iphasika ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa ehlane laseSinayi; njengakho konke uJehova amyala ngakho uMose, benze njalo-ke abantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Bayolenza iphasika ehlane iSinayi ngenyanga yokuqala, ngosuku lwe-14, kusihlwa, njengakho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose, abantu bakwa-Israyeli benza kanjalo-ke.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 9:5
18 Referans Kwoze  

Abantwana bakwa-Israyeli bamisa eGiligali, bagcina iphasika ngosuku lweshumi nane lwenyanga kusihlwa emathafeni aseJeriko.


Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume, aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa; waphuma engazi lapho eya khona.


UMose nempela wayethembekile endlini yakhe yonke njengenceku, kube ngubufakazi balokho okwakuzakhulunywa;


Ngakho-ke, nkosi Agripha, angibanga ngongalaleliyo umbono wasezulwini;


Ningabangane bami, uma nenza lokhu enginiyala ngakho.


nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe. Amen.


Bhekani, nginifundisile izimiso nezahlulelo, njengalokho uJehova uNkulunkulu wami engiyalile, ukuba nenze kanjalo ezweni eningena kulo ukulidla.


Kwathi ngomnyaka wamashumi amane, ngenyanga yeshumi nanye, ngolokuqala lwenyanga, uMose wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli njengakho konke uJehova ayebayale ngakho;


UMose wabatshela abantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uJehova emyalile uMose.


OMose no-Aroni nayo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli benza kumaLevi, njengalokho uJehova emyalile uMose ngamaLevi, benze njalo abantwana bakwa-Israyeli kuwo.


Njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose, abantwana bakwa-Israyeli bawenza wonke umsebenzi.


Waqedwa-ke wonke umsebenzi wetende lokuhlangana; abantwana bakwa-Israyeli benza njengalokho uJehova emyalile uMose, benze njalo-ke.


UNowa wenza njengalokho uJehova emyalile.


Wenza ke uNowa; njengakho konke uNkulunkulu amyale ngakho, wenze njalo.


UMose wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli ukuba baligcine iphasika.


Benza kanjalo bonke abantwana bakwa-Israyeli; njengalokho uJehova ebayalile oMose no-Aroni, benze njalo-ke.


Abantwana bakwa-Israyeli benza-ke njengalokho uJehova emyalile uMose, benze njalo-ke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite