Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 8:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Nanku oyakukwenza kubo ukubahlambulula: Fafaza phezu kwabo ngamanzi okuhlambulula, baphucule umzimba wabo wonke, bahlanze izingubo zabo, bahlanzeke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Uyakwenza kanje kubo ukuba ubahlambulule: fafaza amanzi okuphothula, baziphucule umzimba wonke, bahlanze izingubo zabo, bazihlambulule.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Uyakubahlambulula kanje: bafafaze ngamanzi okuhlambulula, ubenze baphuce zonke iziboya ezisemizimbeni yabo, bahlanze izingubo zabo; bazihlambulule.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 8:7
24 Referans Kwoze  

Yilowo nalowo othinta isidumbu sofileyo, angaziphothuli, ungcolisa itabernakele likaJehova; lowo mphefumulo kumelwe unqunywe kwa-Israyeli; ngokuba amanzi okuphothula engafafazwanga phezu kwakhe, uyakuba ngongcolile; ukungcola kwakhe kusephezu kwakhe.


UMose wayeseletha u-Aroni namadodana akhe, wabageza ngamanzi.


Ngathi kuye: Nkosi, nguwe owaziyo. Yathi kimi: Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.


Umfanekiso onjengawo umbhapathizo osusisindisa ngawo manje, kungesikho ukususa insila yenyama, kodwa impendulo kanembeza omuhle kuNkulunkulu, ngokuvuka kukaJesu Kristu;


Sondelani kuNkulunkulu, laye uzasondela kini. Hlambululani izandla nina zoni; nihlanze izinhliziyo zenu nina eninhliziyombili.


Ngoba uba igazi lezinkunzi lelezimbuzi lomlotha wethokazi ufafaza abangcolileyo, kungcwelisela ekuhlambululeni inyama;


ababemi kuphela ekudleni lekuphuzweni, lokugezisa izinhlobonhlobo, lezimiso zenyama, ababekwe phezu kwabo kuze kufike isikhathi sokuguqulwa.


Khona ngiyakufafaza amanzi ahlanzekileyo phezu kwenu, nihlambuluke; ngiyakunihlambulula kukho konke ukungcola kwenu nakubo bonke onkulunkulu benu abangcolileyo.


Jerusalema, geza inhliziyo yakho ebubini, ukuze usindiswe. Koze kube nini imicabango yakho eyize ihlala kini na?


Ngakho-ke uyofafaza izizwe eziningi; amakhosi ayakuvala imilomo yawo kuye; ngoba lokho abangatshelwanga khona, bazakubona; futhi abangakuzwanga, bayokulalela.


Ngihlanze ngehisopi, ngihlambuluke; ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa.


Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami.


Uhlanze zonke izingubo zakho, nakho konke okwenziwe ngezikhumba, nakho konke okwenziwe ngoboya bembuzi, nakho konke okwenziwa ngokhuni.


Osishisayo kumelwe ahlanze izingubo zakhe futhi ageze umzimba wakhe ngamanzi, ngemva kwalokho kumelwe angene ekamu.


Yilowo nalowo othinta lezo zinto uyakuba ngongcolile, ageze izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.


Lowo ohlezi phezu kwento ahlala phezu kwayo ecucuzayo, makahlanze izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ongcolile kuze kuhlwe.


I Nkosi yasisithi kuMozisi: Yana ebantwini, ubangcwelise lamuhla lakusasa, bahlanze izembatho zabo.


UJakobe wayesethi endlini yakhe nakubo bonke ababe naye: “Susani onkulunkulu bezizweni abaphakathi kwenu, nizihlambulule, niguqule izingubo zenu.”


AmaLevi ahlanjululwa, kwahlanzwa izingubo zawo; u-Aroni wakuletha njengomnikelo phambi kukaJehova; u-Aroni wabenzela ukubuyisana ukuze abahlambulule.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite