Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 8:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngokuba ngawami onke amazibulo abantwana bakwa-Israyeli, abantu nawezilwane; mhla ngibulala amazibulo onke ezweni laseGibithe, ngawangcwelisela kimi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Ngokuba onke amazibulo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli angawami, awabantu nawezilwane; mhla ngishaya amazibulo onke ezweni laseGibithe ngazingcwelisela wona.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Wonke amazibulo phakathi kwabantu bakwa-Israyeli angawami, awabantu nawezilwane, ngazehlukanisela wona kusukela mhla ngibulala amazibulo wonke eGibhithe.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 8:17
18 Referans Kwoze  

Ngingcwelisele onke amazibulo, konke okuvula isizalo sikanina phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, abantu nezinkomo; ngeyami.


(njengokulotshiweyo emthethweni weNkosi ukuthi: Wonke owesilisa ovula isizalo uyakuthiwa ungcwele eNkosini;)


Ngokuthanda kwakhe wasizala ngezwi leqiniso, ukuze sibe uhlobo lolibo lwezidalwa zakhe.


Ngokukholwa wenza iPhasika nokufafazwa kwegazi, ukuze obhubhisa amazibulo angawathinti.


nicabanga ukuthi umelwe ukujeziswa kabuhlungu kangakanani lowo onyathele phansi iNdodana kaNkulunkulu, owathi igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, liyichilo, futhi edelele uMoya yomusa?


Nangenxa yabo ngiyazingcwelisa, ukuze nabo bangcweliswe ngeqiniso.


Nina nisho ngaye uBaba amngcwelisayo, wamthuma ezweni, ukuthi: Uyahlambalaza; ngoba ngithe: Mina ngiyiNdodana kaNkulunkulu?


Futhi ngabanika amasabatha ami abe yisibonakaliso phakathi kwami nabo, ukuze bazi ukuthi nginguJehova obangcwelisayo.


Owashaya amazibulo aseGibithe, awabantu nawezilwane;


Wanqoba wonke amazibulo ezweni labo, ababusi bamandla abo onke.


Wanqoba wonke amazibulo eGibithe; inhloko yamandla abo ematendeni kaHamu;


Ngoba wonke amazibulo angawami; ngokuba mhla ngibulala amazibulo onke ezweni laseGibithe, ngazingcwelisela kimi onke amazibulo akwa-Israyeli, abantu nawezilwane; bayakuba ngabami; nginguJehova.


Izibulo lezilwane kuphela, eliyakuba yizibulo likaJehova, akukho muntu ongalingcwelisa; noma kuyinkomo noma yimvu, kungokukaJehova.


Ngiyakungcwelisa itende lokuhlangana ne-altare; Futhi ngizongcwelisa u-Aroni namadodana akhe ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.


Futhi kwenzeka ukuthi phakathi kwamabili iNkosi yashaya wonke amazibulo ezweni laseGibhithe, kusukela kulo izibulo likaFaro owayehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, kuya kwizibulo lesiboshwa esasisetilongweni; nawo onke amazibulo ezinkomo.


Ngathatha amaLevi esikhundleni samazibulo onke abantwana bakwa-Israyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite