Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 7:89 - Contemporary Zulu Bible 2024

89 UMose esengena etendeni lokuhlangana ukuba akhulume naye, wezwa izwi lokhuluma kuye livela esihlalweni somusa esiphezu komphongolo wobufakazi phakathi kwamakherubi omabili; wakhuluma kuye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

89 Nanxa uMose engena etendeni lokuhlangana ukuba akhulume naye, wezwa izwi likhuluma kuye, livela ngaphezu kwesihlalo somusa esisemphongolweni wobufakazi ngaphakathi kwamakherubi* omabili; wayesekhuluma kuye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

89 Kwathi lapho uMose engena ethendeni lokuhlangana ukuyokhuluma noSimakade, wezwa izwi likhuluma naye livela phezu kwesihlalo somusa ngaphezu komphongolo wobufakazi phakathi kwamakherubhi amabili, wakhuluma naye.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 7:89
15 Referans Kwoze  

Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa, ukuze samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.


UJehova uyinkosi; bathuthumele abantu! Uhlezi phakathi kwamakherubi; umhlaba mawunyakaze.


Ihubo lika-Asafa. Zwana, Malusi ka-Israyeli, wena ohola uJosefa njengomhlambi; wena ohlezi phakathi kwamakherubi, khazimula.


Akwambulwa kubo ukuthi babengazikhonzi bona, kodwa bakhonza thina ngalezo zinto esezishunyayelwa kini ngabanishumayeza ivangeli ngoMoya oNgcwele othunywe ezulwini; okuyizinto izingilosi ezifisa ukuzibona.


Wenza amakherubi amabili ngomuthi womnqumo ngaphakathi, yilelo nalelo laliyizingalo eziyishumi ukuphakama.


Abantu basebethumela eShilo ukuletha khona umphongolo wesivumelwano sikaJehova Sebawoti ohlezi phakathi kwamakherubi; amadodana amabili ka-Eli, oHofini noFinehasi, ayelapho nomphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu.


Ngiyakukhuluma naye umlomo nomlomo, ngokusobala, kungabi ngamazwi angamafu; futhi uyobona isimo sikaJehova. Aningesabi ngani ukukhuluma kabi ngenceku yami uMose na?


INkosi yasikhuluma kuMozisi enkangala yeSinayi ethenteni lenhlangano, ngolokuqala lwenyanga yesibili, ngomnyaka wesibili emva kokuphuma kwabo elizweni leGibhithe, yathi:


UJehova wambiza uMose, wakhuluma kuye etendeni lokuhlangana, wathi:


Ifu lasibekela itende lokuhlangana, inkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele.


UMose wayengenakungena etendeni lokuhlangana, ngokuba ifu lahlala phezu kwalo, nenkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele.


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Ngiyakwehla, ngikhulume nawe khona; ngiyakuthatha okukaMoya ophezu kwakho, ngikubeke phezu kwazo; futhi bayothwala umthwalo wabantu kanye nawe, ukuze ungawuthwali wedwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite