Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 4:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 kusukela koleminyaka engamatshumi amathathu langaphezulu kusiya koleminyaka engamatshumi amahlanu, bonke abangena empini ukwenza umsebenzi ethenteni lenhlangano.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kufike kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena enkonzweni ukwenza umsebenzi etendeni lokuhlangana.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 kusukela kwabaneminyaka engama-30 kuya phezulu, kuze kufike kwabaneminyaka engama-50, bonke abangena ukuzokwenza umsebenzi ethendeni lokuhlangana.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 4:3
27 Referans Kwoze  

kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuya kwabaneminyaka engamashumi amahlanu kumelwe uwabale; bonke abangena ukwenza inkonzo, ukwenza umsebenzi etendeni lokuhlangana.


angabi ngosafufusa, funa azikhukhumeze awele ekulahlweni kukaSathane.


Liqinisile izwi elithi: Uma umuntu efisa isikhundla sombonisi, unxanela umsebenzi omuhle;


Lo myalo ngiwunika wena Thimothewu, ndodana, ngokweziprofetho ezandulelayo ngawe, ukuze ngazo ulwe impi enhle;


UJesu yena waqala eneminyaka engaba ngamashumi amathathu (njengoba kwakucatshangwa) indodana kaJosefa, indodana kaHeli,


Ngomnyaka wesibili wokufika kwabo endlini kaNkulunkulu eJerusalema, ngenyanga yesibili, uZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, noJeshuwa, indodana kaJosadaki, nensali yabafowabo, abapristi namaLevi, futhi zonke ziqala. Abaphuma ekuthunjweni baya eJerusalema; wamisa amaLevi, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, ukuba amele umsebenzi wendlu kaJehova.


Nabafowabo, amaLevi, babemiselwe yonke imisebenzi yenkonzo yetabernakele lendlu kaNkulunkulu.


Kuncane yini kini ukuthi uNkulunkulu ka-Israyeli unahlukanisile nenhlangano yakwa-Israyeli ukuba anisondeze kuye ukuze nisebenze inkonzo yetabernakele likaJehova nokuma phambi kwebandla ukuze nikhonze?


kusukela kominyaka imashumi mathathu ezelwe, kuya phezulu, kuse kominyaka imashumi mahlanu ezelwe, bonke abeza inkonzo yomsebenzi etendeni lokuhlangana;


kusukela kominyaka imashumi mathathu ezelwe, kuya phezulu, kuse kominyaka imashumi mahlanu ezelwe, wobabala bonke abangena enkonzweni ukwenza umsebenzi wetende lokuhlangana.


UJosefa wayeneminyaka engamashumi amathathu lapho emi phambi kukaFaro inkosi yaseGibhithe. UJosefa wayesesuka kuFaro, walihamba lonke izwe laseGibithe.


Bala inani lamadodana kaKohati emadodaneni kaLevi, ngensendo zawo, ngezindlu zawoyise,


Lena iyakuba yinkonzo yamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana mayelana nezinto ezingcwelengcwele.


UDavide wayeneminyaka engamashumi amathathu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amane.


kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi kwa-Israyeli; wena no-Aroni niyakubabala ngokwamabutho abo.


Kodwa kumelwe ubeke amaLevi phezu kwetabernakele lobufakazi naphezu kwazo zonke izitsha zalo naphezu kwakho konke okungokwalo; kumelwe bathwale itabernakele nazo zonke izinto zalo; bayakulikhonza, balimise nxazonke zetabernakele.


kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu, kuze kufike kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abeza ukwenza inkonzo yenkonzo nenkonzo yokuthwala etendeni lokuhlangana,


Bobabili ngohlu lozalo lwabapristi ngemindeni yabo namaLevi kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu ngokwenkonzo yabo ngezigaba zabo;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite