Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 31:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 Wayesethi uMose kubo: “Nibaphilise bonke abesifazane na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 UMose wathi kuzo: “Nisindisile bonke abesifazane na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 UMose wathi kuzo: “Ngabe nibasindisile bonke abesifazane na?

Gade chapit la Kopi




UNumeri 31:15
13 Referans Kwoze  

Manje hamba ushaye u-Amaleki, uchithe konke anakho, ungawayekeli; kodwa nihlabe iduna nensikazi, nezinsana, nezinsana, nezinkabi, nezimvu, namakamela, nezimbongolo.


Uqalekisiwe owenza umsebenzi kaJehova ngenkohliso, futhi uqalekisiwe ogodla inkemba yakhe egazini.


Sayithatha yonke imizi yakhe ngaleso sikhathi, sashaya abesilisa nabesifazane nabantwana bayo yonke imizi ngesiqalekiso; asinamuntu osele.


Bulalani amaxhegu, abasha, izincekukazi, nabantwana, nabesifazane, kepha ningasondeli kunoma yimuphi umuntu onophawu; futhi uqale endaweni yami engcwele. Base beqala ngamakhehla ayephambi kwendlu.


Yonke impango yaleyo mizi nezinkomo abantwana bakwa-Israyeli bazithathela yona njengempango; kodwa bababulala bonke ngosiko lwenkemba baze babaqeda, abavumelanga muntu ukuphefumula.


UJoshuwa walichitha lonke izwe lezintaba, nelaseningizimu, nelasesigodini, nelemithombo, nawo onke amakhosi alo;


Futhi kwenzeka ukuthi bonke abawa ngalolo suku, abesilisa nabesifazane, babe yizinkulungwane eziyishumi nambili, wonke amadoda ase-Ayi.


Bachitha bonke ababesemzini ngesiqalekiso, owesilisa nowesifazane, abasha nabadala, nezinkomo, nezimvu, nezimbongolo, ngosiko lwenkemba.


Uma uJehova uNkulunkulu wakho elinikela esandleni sakho, kumelwe ubulale bonke abesilisa balo ngosiko lwenkemba.


UMose wazithukuthelela izinduna zempi nezinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu ezazivela empini.


Kodwa abesifazane nabantwana abancane nemfuyo nakho konke okusemzini, yonke impango yawo, kumelwe uzithathele wena; uyakudla impango yezitha zakho uJehova uNkulunkulu wakho akunike yona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite