Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 29:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngenyanga yesikhombisa ngolokuqala lwenyanga kuyakuba khona umhlangano ongcwele kini; ningasebenzi msebenzi; kulusuku lokubethwa kwecilongo kini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “ ‘Ngenyanga yesikhombisa ngolokuqala lwenyanga niyakuba nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi; kulusuku lokubetha amacilongo kini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 “ ‘Ngenyanga yesikhombisa ngosuku lokuqala lwayo, niyoba nomhlangano ongcwele, aniyukusebenza msebenzi; kuyokuba wusuku lwenu lokushaya amacilongo.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 29:1
21 Referans Kwoze  

UJehova uyobonakala phezu kwabo, umcibisholo wakhe uyophuma njengombani; iNkosi uJehova iyakubetha icilongo, ihambe nezivunguvungu zaseningizimu.


Kuyakuthi ngalolo suku kukhale icilongo elikhulu, bafike abase-Asiriya abaxoshwa ezweni lase-Asiriya nabaxoshiweyo ezweni laseGibithe, bakhuleke kuJehova entabeni engcwele eJerusalema.


Babusisiwe abantu abayaziyo intokozo; bayakuhamba, Jehova, ekukhanyeni kobuso bakho.


Kusukela ngosuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa baqala ukunikela iminikelo yokushiswa kuJehova. Kodwa isisekelo sethempeli likaJehova sasingakabekwa.


Ngakho wonke u-Israyeli wawukhuphula umphongolo wesivumelwano sikaJehova ngokujabula nangokukhala kwecilongo namacilongo namasimbali, ehlokoma ngamahabhu nangezinsimbi.


Bethani icilongo ekwethwaseni kwenyanga, ngesikhathi esimisiweyo, ngosuku lwedili lethu.


Abapristi namaLevi nabalindisango nabahlabeleli nabanye abantu namaNethini no-Israyeli wonke bahlala emizini yabo; ekufikeni kwenyanga yesikhombisa abantwana bakoIsrayeli besemizini yabo.


Nomkhosi wokuvuna, ulibo lwezisebenzi zenu enizihlwanyele ezweni, nomkhosi wokubutha osekupheleni konyaka, lapho nibutha umshikashika wenu ezweni.


Kumelwe ugubhe umkhosi wamasonto, owolibo lwesivuno sikakolweni, nomkhosi wokubutha ekupheleni konyaka.


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


“ ‘Ngosuku lolibo, uma niletha umnikelo omusha womlilo kuJehova emva kwamasonto enu, niyakuba nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi;


Uyakunikela ngomnikelo wokushiswa ube yiphunga elimnandi kuJehova; ijongosi elilodwa ithole lenkomo, inqama eyodwa, amawundlu angamaduna alomnyaka eyisikhombisa angelasici;


Ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesikhombisa kuyakuba khona umbuthano ongcwele kini; aniyikwenza msebenzi wakukhonza, nibe nomkhosi wokudumisa uJehova izinsuku eziyisikhombisa.


Ngosuku lokuqala kuyakuba khona umbuthano ongcwele kini; akukho msebenzi wenkonzo ongenziwa kuwo.


Ngosuku lwesishiyagalombili niyakuba nomkhosi;


U-Ezra, umpristi, wawuletha umthetho phambi kwebandla labesilisa nabesifazane, nabo bonke ababe nengqondo yokuzwa, ngolokuqala lwenyanga yesikhombisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite