Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 26:55 - Contemporary Zulu Bible 2024

55 Kepha izwe liyakuhlukaniswa ngenkatho, ifa ngokwamagama ezizwe zoyise.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

55 Izwe liyakwahlukaniswa nokho ngenkatho; bayakulidla ifa ngokwamagama ezizwe zawoyise.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

55 Izwe liyokwabiwa ngonkatho. Yileso naleso sizwana sabelwe ngokwamagama okhokho baso.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 26:55
21 Referans Kwoze  

UMose wabayala abantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Nali izwe eniyakulidla ngenkatho uJehova ayala ukuba nilinike izizwe eziyisishiyagalolunye nenxenye yesizwe.


Kumelwe nihlukanise izwe ngenkatho phakathi kwezizukulwane zenu; futhi eniyomnika okuningi, ifa elikhulu, futhi omncane, ifa elincane; ifa lawo wonke umuntu kumelwe libe sendaweni lapho isabelo sakhe siwela khona; niyakudla ifa ngokwezizwe zoyihlo.


Ifa labo laba ngenkatho, njengalokho uJehova eyalile ngesandla sikaMose ezizweni eziyisishiyagalolunye nasenxenyeni yesizwe.


UJoshuwa walithatha izwe lonke njengakho konke uJehova abekushilo kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli laba yifa ngokwezigaba zabo ngokwezizwe zabo. Izwe lazola ekulweni.


sibonga uBaba osenze safaneleka ukuhlanganyela efeni labangcwele ekukhanyeni;


Basebebenzela inkatho; inkatho yadla uMathiyasi; wabalwa kanye nabaphostoli abayishumi nanye.


Ukudalelwa kuqeda ukuxabana, kwahlukanisa abanamandla.


Inkatho yenzelwa emathangeni; kepha konke ukulunga kwakho kungokukaJehova.


Inkatho yesikhombisa yadla isizwe sabantwana bakwaDani ngezizukulwane zabo.


Inkatho yesithupha yadla abantwana bakwaNafetali, abantwana bakwaNafetali ngezizukulwane zabo.


Inkatho yesihlanu yadla isizwe sabantwana bakwa-Asheri ngemindeni yabo.


Inkatho yesine yadla u-Isakare, abantwana bakwa-Isakare ngezizukulwane zabo.


Inkatho yesithathu yaphumela abantwana bakwaZebuloni ngemindeni yabo, umkhawulo wefa labo wawufinyelela eSaridi.


Inkatho yesibili yadla uSimeyoni, isizwe sabantwana bakwaSimeyoni ngezizukulwane zabo; ifa labo laliphakathi kwefa labantwana bakwaJuda.


Kumelwe nibhale izwe libe izingxenye eziyisikhombisa, nilethe lapha kimi incazelo, ukuze nginenzele inkatho lapha phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu.


Abantwana bakwaJosefa bakhuluma kuJoshuwa, bathi: “Ninginikeni inkatho eyodwa kuphela nesabelo esisodwa sefa, lokhu ngingabantu abaningi, lokhu uJehova ungibusisile kuze kube manje na?


Ngokwesiphetho, ifa layo limelwe ukwahlukaniselwa abaningi nabambalwa.


Kumelwe nilabe ngenkatho njengefa lenu nelabafokazi abagogobele phakathi kwenu, abayozala abantwana phakathi kwenu; bayakuba kini njengabazalelwe ezweni phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; ayoba nefa kanye nawe phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli.


Bathi: “INkosi yayala inkosi yami ukuba inike abantwana bakwa-Israyeli izwe libe yifa ngenkatho; futhi inkosi yami yayiyaliwe nguJehova ukuba ifa lomfowethu uSelofehadi linike amadodakazi akhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite