Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 25:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Babizela abantu emihlatshelweni yawonkulunkulu babo; abantu badla, bakhothamela onkulunkulu babo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 ngokuba babiza abantu ukuba beze emihlatshelweni yawonkulunkulu babo; abantu badla, bakhothamela onkulunkulu babo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Abamemela emadilini emihlatshelo yonkulunkulu bawo. Abakwa-Israyeli bafike badla, bakhothamela onkulunkulu bawo.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 25:2
19 Referans Kwoze  

Kepha ngithi: Okuhlatshwa ngabezizwe bakuhlabela amademoni, hhayi uNkulunkulu;


Ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ohambela ububi bawoyise kubantwana, kwesesithathu nesesine isizukulwane sabangizondayo.


Ngafumana u-Israyeli enjengezithelo zomvini ehlane; Ngabona oyihlo njengezithwathwa zokuqala emkhiwaneni ekuqaleni kwawo; kepha baya eBali Peyori, bazihlukanisela ihlazo; nezinengiso zabo zazinjengokuthanda kwabo.


Bazihlanganisa noBali Peyori, badla okuhlatshelwe abafileyo.


Isiphambeko sasePheyori sincane yini kithi esingakahlanjululwa kuso kuze kube namuhla, nakuba kwakukhona isifo ebandleni likaJehova?


Kepha nginezinto eziyingcosana ngawe, ngokuba unabo lapho ababambe isifundiso sikaBileyamu owafundisa uBalaki ukuphonsa isikhubekiso phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, ukuba badle okuhlatshelwe izithombe, benze ubufebe.


Kodwa ngizishiyele kwa-Israyeli abayizinkulungwane eziyisikhombisa, wonke amadolo angaguqanga kuBhali, nayo yonke imilomo engazange imange.


Uma nephulile isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu aniyale ngaso, nihambe nikhonze abanye onkulunkulu, nibakhothamele; intukuthelo kaJehova iyakunivuthela, nibhubhe masinyane ezweni elihle aninike lona.


ukuze lingangeni phakathi kwalezi zizwe eziseleyo phakathi kwenu; futhi ungaliphathi igama labonkulunkulu babo, ufunge ngabo, ungabakhonzi, ungabakhothameli.


Ababedla amanoni emihlatshelo yabo, bephuza iwayini leminikelo yabo yokuphuzwa na? mawasukume akusize abe isivikelo sakho.


Ungakhothameli onkulunkulu babo, ungabakhonzi, ungenzi njengemisebenzi yabo; kodwa kumelwe ubashaye ngesiqalekiso esichithayo futhi ubhidlize izithombe zabo ezibaziweyo ngokuphelele.


Ohlabela noma yimuphi unkulunkulu, ngaphandle kukaJehova yedwa, uyoshaywa ngesiqalekiso sokuxoshwa.


Bavuka ekuseni ngakusasa banikela ngeminikelo yokushiswa, banikela ngeminikelo yokubonga; isixuku sahlala phansi ukuba sidle, siphuze, sasukuma ukuba sidlale.


Ngokufanayo lapho wonke amaJuda ayekwaMowabi naphakathi kwabantwana bakwa-Amoni nakwa-Edomi nabasemazweni wonke ezwa ukuthi inkosi yaseBhabhiloni yayishiye ngemva insali yakwaJuda nokuthi ibeke indodana uGedaliya phezu kwayo. Ka-Ahikamu indodana kaShafani;


O bantu bami, khumbulani lokho uBalaki inkosi yakwaMowabi akucebisa ngakho, nalokho uBileyamu indodana kaBeyori amphendula ngakho kusukela eShithimi kuze kube eGiligali; ukuze nazi ukulunga kukaJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite