Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 25:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 UPinehasi, indodana ka-Eleyazare, indodana ka-Aroni umpristi, wayinqanda intukuthelo yami kubantwana bakwa-Israyeli, eshisekela phakathi kwabo ngenxa yami, ukuze ngingabaqedi abantwana bakwa-Israyeli ngokushisekela kwami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 “UFinehasi ka-Eleyazare ka-Aroni umpristi ukhalimile intukuthelo yami kubantwana bakwa-Israyeli, ngokuba wayehawuka ngomhawu wami phakathi kwabo, ukuze ngingaqothuli abantwana bakwa-Israyeli ngomhawu wami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 “UFinehasi ka-Eleyazare ka-Aroni umphristi ukhalime intukuthelo yami kwabakwa-Israyeli, ngokuba utshengise intshisekelo ngami phakathi kwabo, ukuze ngingabaqothuli ngesikhwele sami.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 25:11
24 Referans Kwoze  

Bamthukuthelisa ngokuphakama kwabo, bamvusela intukuthelo ngezithombe zabo ezibaziweyo.


Bangivusela umhawu ngokungesiye uNkulunkulu; bangiklolodele ngezinto zabo eziyize, futhi ngiyobenza babe nomhawu ngabangebona abantu; ngizabagcona ngesizwe esingelangqondo.


Bamvusela umhawu ngonkulunkulu bezizweni, bamcunula ngezinengiso.


Ngokuba ngiyanishisekela ngesikhwele sikaNkulunkulu, ngokuba nganandisela endodeni eyodwa, ukuze nginethule kuKristu niyintombi emhlophe.


Siyayivusela umhawu iNkosi na? sinamandla kunaye na?


Ngalokho ngilindeleni, usho uJehova, kuze kufike usuku engiyakuvuka ngalo ukuphanga; ngoba injongo yami iwukuqoqa izizwe, ukuze ngibuthe imibuso, ukuze ngithulule ulaka lwami phezu kwazo, yebo, lonke ulaka lwami oluvuthayo. Ngoba umhlaba wonke uzaqedwa ngomlilo womhawu wami.


Isiliva labo negolide labo ngeke libe namandla okubasindisa ngosuku lolaka lweNkosi; kodwa umhlaba wonke uzaqedwa ngomlilo womhawu wakhe;


UJuda wenza okubi emehlweni kaJehova, bamvusela umhawu ngezono zabo abazenzayo ngaphezu kwakho konke ababekwenzile oyise.


Ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ohambela ububi bawoyise kubantwana, kwesesithathu nesesine isizukulwane sabangizondayo.


Okholwa eNdodaneni unokuphila okuphakade; ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila; kodwa ulaka lukaNkulunkulu luhlezi phezu kwakhe.


UNkulunkulu unomona, uJehova uyaphindisela; uJehova uyaphindisela, unolaka; uJehova uyaphindisela kwabamelene naye, azigcinele izitha zakhe ulaka.


Ngiyakunahlulela njengabesifazane abachitha umshado nabachitha igazi; ngiyakuninika igazi lokufutheka nokushisekela.


Khona-ke uFinehasi wasukuma wenza isahlulelo, futhi isifo saphela.


Ngalokho wathi uyakubabhubhisa, uma uMose okhethiweyo wakhe ubengema phambi kwakhe esikhaleni ukuze anqande ulaka lwakhe, ukuze angababhubhisi.


Amathambo kaSawule noJonathani indodana yakhe bembela ezweni lakwaBenjamini eSela ethuneni likaKishi uyise; benza konke inkosi eyabayala ngakho. Kwase kuthi-ke uNkulunkulu wakhulekelwa izwe.


UJoshuwa wayesethi kubantu: “Aninakumkhonza uJehova, ngokuba unguNkulunkulu ongcwele; unguNkulunkulu onomhawu; kayikuthethelela iziphambeko zenu lezono zenu.


UJehova akayikumhawukela, kepha lapho intukuthelo kaJehova nokushisekela kwakhe kuyakushunqa kulowo muntu, zibe phezu kwakhe zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi, uJehova alibize igama lakhe phansi kwezulu, azesule.


Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ungumlilo oqothulayo, unguNkulunkulu onomhawu.


Ngoba ungakhonzi omunye unkulunkulu, ngoba uJehova obizo lakhe linguMhawu unguNkulunkulu olomona.


Uma umuntu edla insimu noma isivini, angenise izinkomo zakhe, adle ezweni lomunye; ngokuhle kakhulu kwezwe lakhe nokuhle kakhulu kwesivini sakhe kumelwe akhiphe isinxephezelo.


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Abantwana bakwa-Israyeli bathumela kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nasengxenyeni yesizwe sakwaManase ezweni lakwaGileyadi uFinehasi indodana ka-Eleyazare umpristi;


Kwabalelwa kuye njengokulunga izizukulwane ngezizukulwane kuze kube phakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite