Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 22:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Abadala bakwaMowabi namalunga akwaMidiyani asuka ephethe umvuzo wokubhula esandleni sawo; zafika kuBileyamu, zakhuluma kuye amazwi kaBalaki.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Amalunga akwaMowabi namalunga akwaMidiyani asuka enenkokhelo yokubhula esandleni sawo; ayesefika kuBileyamu, akhuluma kuye amazwi kaBalaki.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Amalunga akwaMowabi nawakwaMidiyani ahamba ephethe ugxa, aya kuBhileyamu, afike akhuluma kuye amazwi kaBhalaki.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 22:7
15 Referans Kwoze  

Izinhloko zalo zahlulela ngenjongo yokuthola umvuzo, nabapristi balo bafundisa ngenjongo yokuthola umvuzo, nabaprofethi balo baprofetha ngenjongo yemali; nokho bayakwencika kuJehova, bathi: “Akakho uJehova phakathi kwethu na? akukho okubi okungasehlela.


Maye kubo! ngoba bahambe ngendlela kaKhayini, bagijimela ukuduka kukaBalami ukuze bathole umvuzo, babhubha ekuphikeni kukaKora.


abayishiyile indlela eqondileyo baduka belandela indlela kaBalami indodana kaBosori owathanda inkokhelo yokungalungi;


abamelwe ukuvalwa umlomo, abachitha izindlu ziphela, befundisa okungafanele ngenxa yenzuzo embi.


Ngokuba abanjalo kabakhonzi iNkosi yethu uJesu Kristu, bakhonza isisu sabo; nangamazwi amahle namnandi bakhohlisa izinhliziyo zabangenalwazi.


Niyakungingcolisa yini phakathi kwabantu bami ngenxa yezandla ezigcwele zebhali nangezingcezu zesinkwa, ukuze nibulale imiphefumulo ebingayikufa, nisindise imiphefumulo ebingafuni ukuphila, ngokuqambela amanga kubantu bami abezwa amanga enu, na?


Yebo, bayizinja ezihahayo ezingenakusutha, futhi bangabelusi abangaqondi; bonke babheka endleleni yabo, yilowo nalowo ukuze azuze, endaweni yakhe.


UBileyamu esebonile ukuthi kwakukuhle kuJehova ukubusisa u-Israyeli, akahambanga ukuyofuna imilingo njengakuqala, kepha wabhekisa ubuso bakhe ehlane.


Ngempela, akukho umlingo ngokumelene noJakobe, futhi akukho ukubhula ngokumelene no-Israyeli; ngalesi sikhathi kuyakuthiwa ngoJakobe nango-Israyeli: Yini uNkulunkulu ayenzileyo!


Wathi kubo: “Hlalani lapha namuhla ebusuku, ngizakunibikela izwi, njengalokho uJehova eyakukhuluma kimi; izikhulu zakwaMowabi zahlala kuBileyamu.


UBileyamu indodana kaBeyori, umthakathi, wabulala abantwana bakwa-Israyeli ngenkemba phakathi kwalabo ababulawa yibo.


Ngokuba inkosi yaseBabele yayimi emaphethelweni endlela, ekuqaleni kwezindlela ezimbili, ukuze ibhule;


Izikhulu zakho ziyizihlubuki nabangane bamasela; wonke umuntu uthanda izipho futhi ujaha imivuzo; abahluleli izintandane, necala lomfelokazi alifiki kubo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite