Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 22:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Wathuma izithunywa kuBileyamu indodana kaBeyori kuPhethori osemfuleni wezwe labantwana babantu bakubo ukuba zimbize, zithi: “Bheka, kuphume abantu eGibithe; bheka, zisibekela ubuso bomhlaba, futhi zihlala phambi Kwami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Wathuma izithunywa kuBileyamu indodana kaBeyori ePethori elingasemfuleni ezweni labantwana babantu bakhe ukumbiza ngokuthi: “Bheka, nampa abantu abaphumile eGibithe; bheka, basibekela ubuso bomhlaba; sebehlala malungana nami;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Wathumela izithunywa kuBhileyamu, indodana kaBheyori, owayesePhethori ngasemfuleni ezweni labantwana babantu bakhe, ukuyombiza zithi kuye: “Bheka, kunoquqaba lwabantu, abaphuma eGibhithe asebegcwele yonke indawo, futhi sebehleli eduze kwami.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 22:5
15 Referans Kwoze  

Ngokuba abanihlangabezanga ngesinkwa nangamanzi endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe; nangokuba bakuqashela uBileyamu indodana kaBeyori wasePethori eMesopotamiya ukuba akuqalekise.


O bantu bami, khumbulani lokho uBalaki inkosi yakwaMowabi akucebisa ngakho, nalokho uBileyamu indodana kaBeyori amphendula ngakho kusukela eShithimi kuze kube eGiligali; ukuze nazi ukulunga kukaJehova.


UBalaki indodana kaSipori, inkosi yakwaMowabi, wasukuma walwa no-Israyeli, wathumela wabiza uBileyamu indodana kaBeyori ukuba aniqalekise.


Maye kubo! ngoba bahambe ngendlela kaKhayini, bagijimela ukuduka kukaBalami ukuze bathole umvuzo, babhubha ekuphikeni kukaKora.


Kepha nginezinto eziyingcosana ngawe, ngokuba unabo lapho ababambe isifundiso sikaBileyamu owafundisa uBalaki ukuphonsa isikhubekiso phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, ukuba badle okuhlatshelwe izithombe, benze ubufebe.


UBileyamu indodana kaBeyori, umthakathi, wabulala abantwana bakwa-Israyeli ngenkemba phakathi kwalabo ababulawa yibo.


Wayesethatha isisho sakhe, wathi: “UBalaki, inkosi yakwaMowabi, wangikhipha e-Aramu ezintabeni zasempumalanga, wathi: “Woza, ungiqalekisele uJakobe, uze, uklolodele u-Israyeli.”


Wabandisa kakhulu abantu bakhe; wabenza baba namandla kunezitha zabo.


Ngiyakwenza inzalo yakho ibe njengothuli lomhlaba, ukuze kuthi noma ekhona ongabala uthuli lomhlaba, ibalwe nenzalo yakho.


Ngokuba basibekele umhlaba wonke, kwaba mnyama izwe; zadla zonke izimila zezwe, nazo zonke izithelo zemithi esasala yisichotho, akwasala luhlaza emithini nasezitshalweni zasendle ezweni lonke laseGibithe.


Babulala amakhosi akwaMidiyani, ngaphandle kwabaseleyo kwababuleweyo; okungukuthi u-Ewi, noRekemi, noSuri, noHure, noReba, amakhosi ayisihlanu akwaMidiyani; UBileyamu indodana kaBeyori naye wababulala ngenkemba.


Kepha uJehova uNkulunkulu wakho akavumanga ukumlalela uBileyamu; kepha uJehova uNkulunkulu wakho wakuguqulela isiqalekiso saba yisibusiso, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho wakuthanda.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite