Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 21:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngalokho abantu beza kuMose, bathi: “Sonile, ngokuba sikhulume kabi ngoJehova nangawe; khuleka kuJehova ukuba asuse izinyoka kithi. UMose wabakhulekela abantu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Abantu bafika kuMose, bathi: “Sonile, ngokuba sikhulume kabi ngoJehova nangawe; khuleka kuJehova ukuba asuse izinyoka kithi.” UMose wabakhulekela abantu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Abantu baya kuMose, bathi: “Sonile, ngokuba sikhulume kabi ngawe nangoSimakade; sikhulekele kuSimakade ukuba asuse izinyoka kithi.” UMose wabakhulekela abantu.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 21:7
30 Referans Kwoze  

USimoni waphendula wathi: “Ngikhulekeleni nina eNkosini ukuba kungenzeki lutho lwalokhu enikushilo.


Kwathi ezibulala, zamfuna; babuya, babuza kuNkulunkulu ekuseni.


Abantu bambiza uMose; lapho uMose ekhuleka kuJehova, umlilo wacisha.


UFaro wayesebabiza oMose no-Aroni, wathi: “Ncengani uJehova ukuba asuse amasele kimi nakubantu bami; ngiyakubavumela abantu ukuba bahambe, bahlabele uJehova.


Inkosi yasiphendula yathi kulowo muntu kaNkulunkulu: “Nceda ubuso bukaJehova uNkulunkulu wakho, ungikhulekele ukuba siphiliswe isandla sami.” Lowo muntu kaNkulunkulu wamncenga uJehova, isandla senkosi sambuyisela, saba njengakuqala.


Wayesethi uFaro: “Ngiyakunivumela ukuba nihambe, nihlabele uJehova uNkulunkulu wenu ehlane; kodwa akumelwe nihambe kakhulu; ngikhulekeleni.


Vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko wolungileyo unamandla amakhulu.


Bazalwane, isifiso senhliziyo yami nomkhuleko wami kuNkulunkulu ngo-Israyeli kuwukuba basindiswe.


esithi: Ngonile ngokukhaphela igazi elingelacala. Basebesithi: Kuyini kithi lokho? bheka wena.


Ngizohamba ngibuyele endaweni yami baze basivume isiphambeko sabo futhi bafune ubuso bami; osizini lwabo bayongifuna kusenesikhathi.


Inkosi uZedekiya yathuma uJehukali indodana kaShelemiya noZefaniya indodana kaMahaseya umpristi kuJeremiya umprofethi ukuthi: “Sikhulekele kuJehova uNkulunkulu wethu.”


Wayesethi uJehova kimi: “Noma oMose noSamuweli babemi phambi kwami, nokho imicabango yami yayingenakubhekisa kulaba bantu; zilahle ebusweni bami, ziphume.


Ngalokho wathi uyakubabhubhisa, uma uMose okhethiweyo wakhe ubengema phambi kwakhe esikhaleni ukuze anqande ulaka lwakhe, ukuze angababhubhisi.


UJehova waguqula isimo sikaJobe lapho ekhulekela abangane bakhe; uJehova wamnika uJobe okuningi kwalokho ayenakho ngaphambili.


Manje zithatheleni izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa, niye encekwini yami uJobe, nizinikelele umnikelo wokushiswa; inceku yami uJobe uyakunikhulekela; ngoba ngizathokoza ngaye, ukuze ngingenzi kini njengobuthutha benu, ngoba kalilungile njengokutsho kwenceku yami uJobe ngaMi.


Wathi: “Ngonile; kepha ngidumise phambi kwamalunga abantu bami naphambi kuka-Israyeli, nibuye nami, ngikhonze uJehova uNkulunkulu wenu.


USawuli wasesithi kuSamuweli: Ngonile, ngoba ngeqile ilizwi leNKOSI lelizwi lakho, ngoba ngesaba abantu, ngalalela ilizwi labo.


UJehova wamthukuthelela kakhulu u-Aroni, waze wambhubhisa; futhi ngamkhulekela u-Aroni ngaleso sikhathi.


Kwathi ngangomuso uMose wathi kubantu: “Nenze isono esikhulu; manje ngizokhuphukela eNkosini; mhlawumbe ngizakuhlawulela isono senu.


UMose wamncenga uJehova uNkulunkulu wakhe, wathi: “Jehova, ulaka lwakho luvuthelani abantu bakho owabakhipha ezweni laseGibithe ngamandla amakhulu nangesandla esinamandla na?


Manje buyisela indoda leyo umkayo; ngokuba ungumprofethi, uyakunikhulekela, niphile.


U-Abrahama wakhuleka kuNkulunkulu; uNkulunkulu wamphulukisa u-Abimeleki, nomkakhe, nezincekukazi zakhe; futhi bazala abantwana.


UJehowahazi wamncenga uJehova, uJehova wamuzwa, ngokuba wayebona ukucindezelwa kuka-Israyeli, ngokuba inkosi yase-Aramu yayibacindezela.


Jehova, ekuhluphekeni bakuhambela, bathulula umkhuleko ekujeziseni kwakho phezu kwabo.


Amaxoxo ayakukhuphukela kuwe nakuzo abantu bakho nakuzo zonke izinceku zakho.


Ake nithethelele isono sami kanye nje, nincenge uJehova uNkulunkulu wenu ukuba asuse lokhu kufa kimi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite