Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 21:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Basuka lapho baya eBeri; lokhu kungumthombo uJehova akhuluma ngawo kuMose, wathi: “Butha abantu, ngibanike amanzi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Basuka lapho, baya eBeri; lokhu kungumthombo asho ngawo uJehova kuMose, wathi: “Butha abantu, ngibaphe amanzi.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Basuka lapho, baya eBheri; lowo ngumthombo athi ngawo uSimakade kuMose: “Qoqa abantu ukuze ngibaphe amanzi.”

Gade chapit la Kopi




UNumeri 21:16
16 Referans Kwoze  

Thatha intonga, ubuthe inhlangano, wena no-Aroni umfowenu, nikhulume nedwala phambi kwamehlo ayo; futhi uyonika amanzi awo, futhi kumelwe ubakhiphele amanzi edwaleni; uyakuphuzisa ibandla nezinkomo zalo.


Ngakho niyakukha amanzi ngokuthokoza emithonjeni yensindiso.


UMoya nomlobokazi bathi: Woza. Nozwayo makathi: Woza. Nowomileyo makeze. Futhi yilowo nalowo othanda makathathe amanzi okuphila ngesihle.


Yangikhombisa umfula wamanzi okuphila ucwebezela njengekristalu, uphuma esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.


Wathi kimi: Sekwenzekile. Mina ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho. Owomileyo ngiyakumnika ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila.


Izilwane zasendle ziyakungidumisa, izimpungushe nezikhova, ngokuba ngiyakuphuzisa abantu bami abakhethiweyo bami amanzi ehlane nemifula ehlane.


UJothamu wabaleka, wabaleka, waya eBeri, wahlala khona ngokwesaba u-Abimeleki umfowabo.


Bheka, ngiyakuma lapho phambi kwakho edwaleni laseHorebe; uyakushaya idwala, kuphume amanzi kulo, abantu baphuze. Wenze njalo uMose emehlweni amalunga akwa-Israyeli.


Kepha lowo ophuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kodwa amanzi engizamnika wona azakuba kuye umthombo wamanzi aphuphumayo empilweni elaphakade.


UJesu waphendula wathi kuye: Uba ubusazi isipho sikaNkulunkulu, lokuthi ngubani othi kuwe: Nginathisa; ubuyakucela kuye, yena ubeyakukunika amanzi aphilayo.


Abayikulamba, noma bome; futhi ukushisa nelanga ngeke kubashaye; ngokuba lowo onomusa kubo uyakubahola, abahole ngasemithonjeni yamanzi.


UNkulunkulu wavula amehlo akhe, wabona umthombo wamanzi; waya wagcwalisa imbiza ngamanzi, wamphuzisa umfana.


Basuka eDibhon Gadi, bamisa inkamba e-Alimoni-Dibilatayimi.


Ngokuba isililo sazungeza imikhawulo yakwaMowabi; ukukhala kwakhe kwaze kwaba se-Eglayimi, nokukhala kwakhe kwaze kwaba seBerelimi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite