Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 21:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Kungakho kuthiwa egwalweni lwezimpi zeNkosi: Lokho eyakwenza eLwandle lweSihlefu lemithonjeni yeArinoni,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ngalokho kuthiwa eNcwadini yeziMpi zikaJehova: “IVahebi laseSufa, nezigodi zase-Arinoni,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Yingakho eNcwadini yeziMpi zikaSimakade kuthiwa: “IWahebi eseSufa, nezigodi ezise-Arinoni,

Gade chapit la Kopi




UNumeri 21:14
8 Referans Kwoze  

(Futhi wabayala ukuba bafundise abantwana bakwaJuda ukusebenzisa umnsalo; bheka, kulotshiwe encwadini kaJasheri.)


Ilanga lama, nenyanga yahlala, abantu baze baziphindiselela ezitheni zabo. Akulotshiwe yini encwadini kaJasheri na? Ilanga lema emkhathini wesibhakabhaka lingajahile ukutshona kwaze kwaba lusuku lonke.


Eqala kuMose nakubaprofethi bonke, wabachasisela emibhalweni okuqondene naye.


Basuka lapho bamisa inkamba ngaphesheya kwe-Arinoni elisehlane eliphuma emkhawulweni wama-Amori; ngokuba i-Arinoni ingumkhawulo wakwaMowabi, phakathi kukaMowabi nama-Amori.


nangasemfudlaneni wezifula ezehlela e-Ari, zisemngceleni wakwaMowabi.


Sukumani, nihambe, niwele umfula i-Arinoni; bhekani, ngiyakunikela uSihoni umAmori, inkosi yaseHeshiboni, nezwe lakhe esandleni senu; qala ukulidla futhi ulwe naye empini.


USawule wathi kuDavide: “Bheka, indodakazi yami endala uMerabi ngiyakukunika yona ibe ngumkakho; vele ube nesibindi ngami, ulwe izimpi zikaJehova. Ngokuba uSawule wathi: “Isandla sami masingabi phezu kwakhe, kepha isandla samaFilisti masimelane naye.”


Ngokuba njengenyoni ezulazulayo elahliwe esidlekeni, ayakuba njalo amadodakazi akwaMowabi ngasemifuleni yase-Arinoni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite