Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 20:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kwathi uMozisi loAroni besuka ebandleni besiya emnyango wethente lenhlangano, bawa ngobuso, inkazimulo yeNKOSI yabonakala kubo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 OMose no-Aroni basuka ebusweni bebandla ukuya ngasemnyango wetende lokuhlangana, bawa ngobuso babo; inkazimulo kaJehova yabonakala kubo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 UMose no-Aroni basuka phambi kwebandla baya ngasemnyango wethende lokuhlangana. Bawa ngobuso bathi mbo emhlabathini, base bebona kuvela inkazimulo kaSimakade.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 20:6
15 Referans Kwoze  

OMose no-Aroni bawa ngobuso babo phambi kwenhlangano yonke yenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli.


Sukani kule nhlangano, ukuze ngibaqede ngokuphazima kweso. Bawa ngobuso.


Bawa ngobuso babo, bathi: “O Nkulunkulu, Nkulunkulu wemimoya yenyama yonke, kona umuntu oyedwa, uthukuthelele lonke ibandla na?”


UKora wabutha ibandla lonke ngokumelene nabo ngasemnyango wetende lokuhlangana, futhi inkazimulo yeNkosi yabonakala kuyo yonke inhlangano.


Lapho uMose ekuzwa lokho, wawa ngobuso bakhe.


Waqhubeka ingcosana, wawa ngobuso bakhe, wakhuleka wathi: “Baba, uma kungenzeka, makudlule kimi lesisitsha; nokho kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.


UDavide waphakamisa amehlo akhe, wayibona ingelosi kaJehova imi phakathi komhlaba nezulu inenkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo yelulelwe phezu kweJerusalema. UDavide namalunga akwa-Israyeli, abembethe izingubo zokulila, bawa ngobuso.


UJoshuwa waklebhula izingubo zakhe, wawa ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaJehova kwaze kwahlwa, yena namalunga akwa-Israyeli, bathela uthuli emakhanda abo.


Inhlangano yababuthanela oMose no-Aroni, babheka ngasetendeni lokuhlangana; bheka, ifu lasibekela, nenkazimulo yeNkosi yabonakala.


Kodwa ibandla lonke lalaya ukuthi bakhandwe ngamatshe. Inkazimulo kaJehova yabonakala etendeni lokuhlangana phambi kwabo bonke abantwana bakwa-Israyeli.


INkosi yehla ngensika yefu, yema ngasemnyango wetabernakele, yabiza o-Aroni noMiriyamu; baphuma bobabili.


UMose wayesebiza uJehova, wathi: “Ngizakwenzani kulaba bantu na? sebezongikhanda ngamatshe.


U-Aroni esakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, babheka ngasehlane, bheka, inkazimulo kaJehova yabonakala efwini.


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite