Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 20:22 - Contemporary Zulu Bible 2024

22 Abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yonke, basuka eKadeshi, bafika entabeni yaseHori.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Basuka eKadeshi; abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yonke, bafika entabeni yaseHori.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Abantu bakwa-Israyeli basuka eKadeshi baze bayofika entabeni iHori.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 20:22
10 Referans Kwoze  

Basuka eNtabeni yaseHori ngendlela eya eLwandle Olubomvu ukuze bazungeze izwe lakwa-Edomi; umphefumulo wabantu waphela amandla ngenxa yendlela.


UMose wayesethuma izithunywa enkosini yakwa-Edomi zisuka eKadeshi, zithi: ‘Usho kanje umfowenu, u-Israyeli, uthi: Wena uyakwazi konke ukuhlupheka okusehlele.


Abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yonke, bafika ehlane laseSini ngenyanga yokuqala; abantu bahlala eKadeshi; uMiriyamu wafela khona, wembelwa khona.


Eceleni komngcele kaGadi, ohlangothini oluseningizimu, ukuya eningizimu, umkhawulo uyakuba kusukela eTamari kuze kube semanzini okuphikisana eKadeshi, nasemfuleni, kuze kube seLwandle Olukhulu.


Uhlangothi lwaseningizimu ngaseningizimu, lusukela eTamari, luye emanzini eMeribha eKadeshi, nomfula, kuze kube seLwandle Olukhulu. Lolu yilo uhlangothi lwaseningizimu ngaseningizimu.


Lokhu kuyakuba ngumkhawulo wenu wasenyakatho: kusukela oLwandle Olukhulu niyakukhomba intaba yaseHori;


Kwathi lapho simbiza uJehova, walizwa izwi lethu, wathuma ingelosi, yasikhipha eGibithe; bheka, siseKadeshi, umuzi osekugcineni komkhawulo wakho.


Ahamba afika kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi; wababikela kanye nebandla lonke, wabazisa izithelo zezwe.


Nahlala izinsuku eziningi eKadeshi njengezinsuku enazihlala khona;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite