Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 20:21 - Contemporary Zulu Bible 2024

21 Kungakho u-Edomi wala ukuba u-Israyeli adabule umkhawulo wakhe; ngalokho u-Israyeli wamfulathela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Kanjalo u-Edomi wala ukuba u-Israyeli adabule izwe lakhe; ngalokho u-Israyeli wachezuka kuye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Wala kanjalo-ke u-Edomi ukuba u-Israyeli adabule ezweni lakhe; u-Israyeli wabe esechezuka.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 20:21
10 Referans Kwoze  

Base bedabula ihlane, balihaqa izwe lakwa-Edomi nezwe lakwaMowabi, bafika ngasempumalanga kwezwe lakwaMowabi, bamisa ngaphesheya kwe-Arinoni, kepha abangenanga emkhawulweni wakwaMowabi. Ngokuba i-Arinoni lalingumkhawulo wakwaMowabi.


njengalokho benza kimi abantwana bakwa-Esawu abahlala eSeyiri nabakwaMowabi abahlala e-Ari, ngize ngiwele iJordani, ngingene ezweni uJehova uNkulunkulu wethu azosinika lona.


Aniyikuthatha yini lokho unkulunkulu wenu uKamose akunika khona ukuba ukudle? Yilowo nalowo uJehova uNkulunkulu wethu amxoshayo phambi kwethu, siyakumdla.


Awuyikunengwa umEdomi; ngoba ungumfowenu; ungamzondi umGibhithe; ngoba wawungowemzini elizweni lakhe.


Ngivumele ngidabule izwe lakho; Ngizohamba ngomgwaqo omkhulu, angiyikujika kwesokudla noma kwesokunxele.


USihoni akamvumelanga u-Israyeli ukuba adabule emkhawulweni wakhe, kepha uSihoni wabutha bonke abantu bakhe, waphuma ukulwa no-Israyeli ehlane; wafika eJahazi walwa no-Israyeli.


U-Israyeli wayesethuma izithunywa enkosini yakwa-Edomi ukuthi: ‘Mangidabule izwe lakho, kepha inkosi yakwa-Edomi ayilalelanga. Kanjalo bathumela enkosini yakwaMowabi, kepha ayivumanga; u-Israyeli wahlala eKadeshi.


Basuka eNtabeni yaseHori ngendlela eya eLwandle Olubomvu ukuze bazungeze izwe lakwa-Edomi; umphefumulo wabantu waphela amandla ngenxa yendlela.


Manje bheka, abantwana bakwa-Amoni nabakwaMowabi nezintaba zaseSeyiri ongathandanga ukuba u-Israyeli abahlasele ekuphumeni kwabo ezweni laseGibhithe, kodwa wabafulathela futhi akababhubhisanga;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite