Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 2:34 - Contemporary Zulu Bible 2024

34 Abantwana bakwa-Israyeli benza njengalokho uJehova emyalile uMose;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Benze njalo-ke abantwana bakwa-Israyeli: njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose, kanjalo bamisa ngasemabhaneleni* abo, kanjalo basuka, kwaba yilowo nalowo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

34 Abantu bakwa-Israyeli benza njengakho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose: bakanisa ngasemabhaneleni abo, basuka ngokwemindeni yabo, yilowo nalowo ngokwendlu yokhokho bakhe.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 2:34
15 Referans Kwoze  

Khona angiyikujabha, uma ngigcina yonke imiyalo yakho.


Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi bengasoleki.


UBileyamu waphakamisa amehlo akhe, wabona u-Israyeli ehlezi ngokwezizwe zakhe; uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe.


Akabonanga bubi kuJakobe, no-Israyeli akabonanga nkohliso; uJehova uNkulunkulu wakhe unaye, nokukhala kwenkosi kuphakathi kwabo.


Zazinjalo-ke uhambo lwabantwana bakwa-Israyeli ngamabandla abo ekukhuphukeni kwabo.


Abantwana bakwa-Israyeli bayakumisa, kube yilowo nalowo njengebhanela lendlu yoyise; kumelwe bakanise kude nxazonke zetende lokuhlangana.


Abantwana bakwa-Israyeli benza-ke njengalokho uJehova emyalile uMose, benze njalo-ke.


Njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose, abantwana bakwa-Israyeli bawenza wonke umsebenzi.


Abantwana bakwa-Israyeli bayakumisa amatende abo, kube yilowo nalowo ngekamu lakhe, kube yilowo nalowo njengophawu lwakhe ngamabandla abo.


Kodwa amaLevi ayengabalwanga phakathi kwabantwana bakoIsrayeli; njengalokho uJehova emyalile uMose.


Lezi ziyizizukulwane zika-Aroni noMose ngosuku uJehova akhuluma ngalo kuMose entabeni yaseSinayi.


Njengalokho uJehova emyalile uMose, wababala ehlane laseSinayi.


Abantwana bakwa-Israyeli baphuma ehlane laseSinayi; ifu lahlala ehlane lasePharanu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite