Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 19:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 Zonke izinto ezivuliwe okungaboshelwa kuzo zingcolile.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Nazo zonke izitsha ezivulekileyo ezingenaso isisibekelo esiboshwe kuzo zingcolile.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Nazo zonke izitsha ezivulekileyo ezingenaso isisibekelo esiboshwe kuzo zingcolile.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 19:15
6 Referans Kwoze  

Khona-ke umpristi kumelwe akhiphe umyalo wokuba bathulule endlini ngaphambi kokuba umpristi angene kuyo ukuze abone isifo, ukuze kungangcoli yonke into esendlini; ngemva kwalokho umpristi kumelwe angene ukuze abheke indlu.


Konke okuwela kukho enye yazo isifile, kuyakuba ngokungcolile; noma kuwukhuni, noma kuyingubo, noma kuyisikhumba, noma kuyisikhwama, noma kuyiyiphi into okusetshenzwa ngayo, iyakuphonswa emanzini, ibe ngongcolile kuze kuhlwe; ngakho lizahlanjululwa.


Uhlanze zonke izingubo zakho, nakho konke okwenziwe ngezikhumba, nakho konke okwenziwe ngoboya bembuzi, nakho konke okwenziwa ngokhuni.


Nanku umthetho uma umuntu efela etendeni: wonke ongena etendeni nakho konke okusetendeni uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa.


Noma yimuphi othinta endle obulewe ngenkemba, noma ofileyo noma ithambo lomuntu noma ithuna, uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa.


Zonke izimbiza zebumba okuwela kuzo enye yazo, konke okuphakathi kwayo kuyakuba ngokungcolile; futhi uzoyiphula.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite