Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 16:33 - Contemporary Zulu Bible 2024

33 Bona kanye nakho konke okwabo behlela egodini bephila, umhlaba wabavala, futhi babhubha phakathi kwebandla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 Bona bashona besezwa nakho konke okwabo endaweni yabafileyo; umhlaba wabagqiba, baqothulwa ebandleni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

33 Baya kwalasha bezwa, nakho konke okungokwabo. Umhlaba wabagubuzela; bafa kanjalo phambi kwebandla.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 16:33
19 Referans Kwoze  

Maye kubo! ngoba bahambe ngendlela kaKhayini, bagijimela ukuduka kukaBalami ukuze bathole umvuzo, babhubha ekuphikeni kukaKora.


Kukhona izikhulu zasenyakatho, zonke, nabo bonke abaseSidoni abehla nababuleweyo; ngokwesaba kwabo bajabhile ngamandla abo; balele bengasokile nababulewe ngenkemba, bathwele ihlazo labo kanye nabehlela egodini.


Ndodana yomuntu, khalela isixuku saseGibithe, usilahle phansi, lona namadodakazi ezizwe ezaziwayo, ezindaweni eziphansi zomhlaba, kanye nalabo abehlela egodini.


Nokho uyakwehliselwa endaweni yabafileyo, ekugcineni komgodi.


Isihogo esingaphansi silungiselelwe wena ukuba sikuhlangabeze ekufikeni kwakho; kwabangela ukuba wonke amakhosi ezizwe aphakame ezihlalweni zawo zobukhosi.


Ngizwe, Jehova, umoya wami uyadangala; ungangifihleli ubuso bakho, funa ngifane nabehlela egodini.


Umfula ungangigcwali, umfula ungangigwinyi, nomgodi ungangivaleli umlomo wawo phezu kwami.


Kepha wena, Nkulunkulu, uyakubahlisela egodini lokubhujiswa; kepha mina ngiyakwethemba wena.


Abezizwe bacwila emgodini ababewenzile; enetheni bacasha, olwabo unyawo lwabanjwa.


Umhlaba wawuvula umlomo wawo, wabagwinya, bona nezindlu zabo, nabo bonke abantu bakaKora, nayo yonke impahla yabo.


Bonke abakwa-Israyeli ababebazungeza babaleka ngokukhala kwabo, ngokuba bathi: “Funa umhlaba usigwinye nathi.”


Kodwa abantwana bakaKora abazange bafe.


Ngokuba umlilo uphekiwe entukuthelweni yami, ushise uze ufike endaweni yabafileyo, uqede umhlaba nezithelo zawo, uthungele izisekelo zezintaba.


Ukufa makubafice, behlele esihogweni bephila, ngokuba ububi busezindlini zabo naphakathi kwabo.


Amathambo ethu ahlakazekile emlonyeni wengcwaba, njengalapho egawula ecanda izinkuni emhlabeni.


Ngokuba iHayidese alinakukudumisa, ukufa akunakukudumisa; abehlela egodini abanakuthemba iqiniso lakho.


Ukuze kungabikho nesisodwa esihlahleni esisemanzini esiziphakamisayo, singaphumi isihloko saso phakathi kwamagatsha aminyene, nemithi yaso ingemi ekuphakameni kwayo, yonke ephuza amanzi; ngokuba bonke banikelwe ekufeni, ezindaweni eziphansi zomhlaba, phakathi kwabantwana babantu, kanye nabehlela egodini.


Imbongolo yangibona, yachezuka kimi kathathu;


Mina-ke, ngizabiza uNkulunkulu; uJehova uyakungikhulula.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite