Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 15:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Oletha umnikelo wakhe kuJehova uyakuletha umnikelo womlilo wesahlulo seshumi sempuphu ecolekileyo exovwe nokwesine kwehini lamafutha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 khona-ke onikela ngomnikelo wakhe woletha kuJehova umnikelo wempuphu wokweshumi kwempuphu ecolekileyo exovwe nokwesine kwehini* lamafutha;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 khona-ke lowo onikela ngomnikelo wakhe uyoletha kuSimakade umnikelo wokusanhlamvu wokweshumi kwempuphu ecolisekileyo exovwe nokwesine kwehini lamafutha;

Gade chapit la Kopi




UNumeri 15:4
21 Referans Kwoze  

Kanye nelinye iwundlu ngokweshumi kwempuphu ecolekileyo exovwe nokwesine kwehini lamafutha agxotshiwe; nengxenye yesine yehini lewayini libe ngumnikelo wokuphuzwa.


Umnikelo wakhe wokudla uyakuba ngokweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo exovwe namafutha, umnikelo womlilo kuJehova, ube yiphunga elimnandi; umnikelo wakhe wokuphuzwayo uyakuba yiwayini, okwesine kwehini.


Nanku umthetho womnikelo owenziwa ngomlilo: amadodana ka-Aroni kumelwe awulungise phambi kukaJehova phambi kwe-altare.


“ ‘Uma umuntu eletha umnikelo wempuphu kuJehova, umnikelo wakhe uyakuba yimpuphu ecolekileyo; kumelwe athele amafutha phezu kwawo futhi abeke impepho phezu kwawo.


Ngosuku lwesishiyagalombili uyakunikela ngezimvu ezimbili zamawundlu ezingenasici nemvukazi enomnyaka munye engenasici, nokweshumi okuthathu kwempuphu ecolekileyo kube ngumnikelo wempuphu, exovwe namafutha, nelogi yamafutha.


Kepha ningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.


ukuze ngibe yisikhonzi sikaJesu Kristu kwabezizwe, ngikhonze ivangeli likaNkulunkulu, ukuze umnikelo kwabezizwe wamukeleke, ungcwelisiwe ngoMoya oNgcwele.


Ngoba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekutshoneni kwalo ibizo lami lizakuba likhulu phakathi kwezizwe; nasezindaweni zonke kuyoshiselwa igama lami umnikelo ohlanzekile, ngokuba igama lami liyakuba likhulu phakathi kwezizwe,” usho uJehova Sebawoti.


Njalo ekuseni kumelwe ulungiselele umnikelo walo owenziwe ngomlilo, ingxenye yesithupha ye-efa nengxenye yesithathu yehini lamafutha, ukuze kuthambe ngofulawa ocolekileyo; kube ngumnikelo womlilo kuJehova ngezikhathi zonke, ngesimiso esiphakade.


Bayakuletha bonke abafowenu kube ngumhlatshelo kuJehova bevela ezizweni zonke begibele amahhashi, nangezinqola, nangezikebhe, naphezu kweminyuzi, nangezilwane ezinejubane, entabeni yami engcwele eJerusalema,” usho uJehova, “njengalokho abantwana bakwa-Israyeli beletha. “Umnikelo ngesitsha esihlambulukileyo endlini kaJehova.


Kepha umnqumo wathi kuyo: “Ngingawayeka yini amanoni ami abadumisa ngawo uNkulunkulu nabantu, ngiye ngibe phezu kwemithi na?”


Kumelwe uthele amafutha phezu kwawo, ubeke impepho phezu kwawo; kungumnikelo womlilo.


Kodwa kumelwe ageze izibilini nezinyawo ngamanzi, futhi umpristi kumelwe akulethe konke akushise e-altare; kungumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo onephunga elimnandi kuJehova.


Uma eletha iwundlu libe ngumhlatshelo wakhe, woliletha phambi kukaJehova;


Kumelwe ulungise elinye iwundlu ekuseni, futhi kumelwe ulungise elinye kusihlwa;


nokweshumi okuthathu kwempuphu, kube ngumnikelo wempuphu, exovwe namafutha, ngenkunzi eyodwa; nokweshumi okubili kwempuphu, kube ngumnikelo wempuphu, exovwe namafutha, ngenqama eyodwa;


ukuze usheshe uthenge ngale mali izinkunzi, nezinqama, namawundlu, neminikelo yako yokudla, neminikelo yako yokuphuzwa, unikele ngakho e-altare lendlu kaNkulunkulu wenu eseJerusalema.


Umnikelo wakhe wawuyisitsha esisodwa sesiliva, isisindo saso sasingamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, nomganu owodwa wesiliva wamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele; zombili zazigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha njengomnikelo wempuphu.


ngaphandle komnikelo wokushiswa wenyanga nomnikelo wawo wempuphu, nomnikelo oshiswa imihla yonke, nomnikelo wawo wempuphu, neminikelo yawo yokuphuzwa, njengokwesimiso sabo, kube yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite