Yisho ku-Aroni nakumadodana akhe nakubo bonke abantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Yilowo nalowo owendlu ka-Israyeli noma owezizweni kwa-Israyeli uyini umnikelo wakhe wokudla kuzo zonke izithembiso zakhe nakuyo yonke iminikelo yakhe yesihle anikela ngayo. Bayakunikela kuJehova njengomnikelo wokushiswa;