Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 13:22 - Contemporary Zulu Bible 2024

22 Bakhuphukela eningizimu, bafika eHebroni; lapho kwakukhona o-Ahimani, noSheshayi, noTalimayi, amadodana ka-Anaki. (IHebroni lakhiwa iminyaka eyisikhombisa ngaphambi kweSowani laseGibithe.)

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Benyukela ngaseningizimu, bafika eHebroni; o-Ahimani, noSheshayi, noTalimayi, abantwana bakwa-Anaki, babelapho. IHebroni lakhiwa iminyaka eyisikhombisa lingakakhiwa iSowani laseGibithe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Benyukela ngaseningizimu, bafika eHebhroni; lapho kwakukhona u-Ahimani, uSheshayi, uThalimayi, nalabo abayizizukulwane zika-Anaki. IHebhroni lalakhiwe iminyaka eyisikhombisa ngaphambi kokwakhiwa kweZowani, eGibhithe.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 13:22
21 Referans Kwoze  

Ukuthi wazenza kanjani izibonakaliso zakhe eGibithe nezimangaliso zakhe ensimini yaseSowani.


Wenza izimangaliso emehlweni awoyise ezweni laseGibithe, endaweni yaseSowani.


Impela, izikhulu zaseSowani ziyiziwula, iseluleko sabeluleki abahlakaniphile bakaFaro senziwe indelelo; ungasho kanjani kuFaro ukuthi: Mina ngiyindodana yezazi, indodana yamakhosi amadala na?


Ngokuba izikhulu zakhe ziseZowani, nezithunywa zakhe zafika eHanesi.


UJuda wasesuka wahlasela amaKhanani ayakhe eHebroni; igama leHebroni kuqala laliyiKiriyati Araba; babulala oSheshayi, no-Ahimani, noTalimayi.


Izikhulu zaseZowani zibe yiziwula, izikhulu zaseNofi zikhohlisiwe; balidukisa iGibithe, izindawo zokuhlala ezizweni zalo.


Isikhathi uDavide abusa ngaso eHebroni phezu kwendlu yakwaJuda sasiyiminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha.


Ngemva kwalokho uDavida wabuza kuJehova wathi: “Ngingenyukele yini komunye wemizi yakoJuda? INkosi yasisithi kuye: Vuka. UDavide wathi: “Ngikhuphukele ngaphi na? Wathi: “EHebroni!”


Babanika abantwana bakwa-Aroni umpristi iHebroni nedlelo layo, libe ngumuzi okhululekile wokuhlatshwa; neLibina nedlelo layo,


Sabona lapho amaRefa, amadodana ka-Enaki, evela emaRefa; sasinjengezinkumbi emehlweni ethu, futhi sasinjalo nasemehlweni abo.


UMose wabathuma ukuhlola izwe laseKhanani, wathi kubo: “Hambani ngale ndlela ngaseningizimu, nikhuphuke intaba;


USara wafa eKiriyati ka-Arba; yiHebroni ezweni laseKhanani; u-Abrahama weza ukumlilela uSara nokumkhalela.


U-Abrama wamisa itende lakhe, wafika wahlala e-okini kaMamre eHebroni, wamakhela khona uJehova i-altare.


Kodwa abantu abahlala kulelo zwe baba namandla, nemizi ibiyelwe ngezindonga, mikhulu kakhulu; futhi sabona nabantwana bakwa-Enaki lapho.


abantu abakhulu nabade, abantwana bama-Enaki obaziyo, ozwile ukuthi: Ngubani ongema phambi kwabantwana bakwa-Enaki?


UJoshuwa wakhuphuka e-Egiloni no-Israyeli wonke kanye naye, waya eHebroni; balwa nalo.


nakulabo ababeseHebroni, nakuzo zonke izindawo lapho uDavide ngokwakhe nabantu bakhe babevame ukuhamba khona.


U-Ishibhibenobi owayengowamadodana amaRefa, osisindo somkhonto wakhe sasingamashekeli angamakhulu amathathu ethusi, ebhince inkemba entsha, wacabanga ukuthi ubulele uDavide.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite