Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 13:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Thumani amadoda enu ukuze ahlole ilizwe laseKhanani engilinika abantwana bakoIsrayeli; kuzo zonke izizwe zoyise wothuma indoda ibe nye, kube yilowo nalowo abe yisikhulu phakathi kwabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Thuma wena abantu ukuba bahlole izwe laseKhanani engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli; uthume umuntu waleso naleso sizwe sawoyise, kube yilowo nalowo abe yinduna phakathi kwabo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 “Thumela amadoda ukuba ayohlola iKhanani engizakulinika abantu bakwa-Israyeli. Uthumele umuntu abe munye kuleso naleso sizwana sokhokho babo, yilowo nalowo abe ngumholi phakathi kwaso.”

Gade chapit la Kopi




UNumeri 13:2
12 Referans Kwoze  

Yilokho oyihlo abakwenzayo lapho ngibathuma besuka eKadeshi-Barineya ukuba babone izwe.


Kumelwe nithathe isikhulu esisodwa esizweni ngasinye ukuze nihlukaniselane izwe ngokwefa.


Ngase ngithatha izikhulu zezizwe zenu, amadoda ahlakaniphileyo nabadumileyo, ngabamisa baba yizinhloko phezu kwenu, izinduna zenkulungwane nezinduna zekhulu nezinduna zamashumi ayisihlanu nezinduna zeshumi nezinduna ezizweni zenu.


INkosi yasisithi kuMozisi: Ngibuthele amadoda angamatshumi ayisikhombisa kubadala bakoIsrayeli, owaziyo ukuthi bangabadala babantu lezinduna zabo; uwalethe etendeni lokuhlangana, ukuze ame khona nawe.


Kuyakuba nawe indoda esizweni; yilowo nalowo inhloko yendlu yawoyise.


UMose wakhetha amadoda anamandla ku-Israyeli wonke, wawamisa aba izinhloko phezu kwabantu, izinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi amahlanu nezinduna zeshumi.


UMose wabathuma besuka ehlane lasePharanu ngesiyalezo sikaJehova; wonke lawo madoda ayezinhloko zabantwana bakwa-Israyeli.


Ngokunjalo lapho uJehova enithuma nisuka eKadeshi-Barineya ukuthi: ‘Khuphukani nilidle izwe engininike lona; nahlubuka emyalezweni kaJehova uNkulunkulu wenu, anikholwanga nguye, anililalelanga izwi lakhe.


Lawa angamagama amadoda uMose awathuma ukuba ahlole izwe. UMose wabiza uHoseya, indodana kaNuni, ngokuthi uJoshuwa.


Zithatheleni manje amadoda ayishumi nambili ezizweni zakwa-Israyeli, indoda eyodwa esizweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite