Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 13:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 UMose wabathuma ukuhlola izwe laseKhanani, wathi kubo: “Hambani ngale ndlela ngaseningizimu, nikhuphuke intaba;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 UMose wabathuma ukuhlola izwe laseKhanani, wathi kubo: “Yenyukani ngalapha, niye ngaseningizimu, nikhuphukele ezintabeni,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Lapho uMose ebathuma ukuyohlola iKhanani, wathi kubo: “Yenyukani ngaseningizimu, nikhuphukele ezintabeni,

Gade chapit la Kopi




UNumeri 13:17
16 Referans Kwoze  

Ngemva kwalokho abantwana bakwaJuda behla ukuze balwe namaKhanani ayehlala ezintabeni, eningizimu, nasesigodini.


U-Abrama wasuka wahamba waya eningizimu.


UJehova wayenaye uJuda; wabaxosha abakhe entabeni; kodwa babengenakuxosha abakhe esigodini, ngokuba babenezinqola zensimbi.


Wathi kuye: “Nginike isibusiso, ngokuba unginike izwe laseNingizimu; nginike nemithombo yamanzi. UKalebi wamnika imithombo yasenhla nemithombo yangezansi.


Waphuma waya ohlangothini lwaseningizimu, waya eMahali-hakrabimi, wadlulela eSini, wenyukela ohlangothini lwaseningizimu eKadeshi Barineya, wadlulela eHezironi, wenyukela e-Adari, wazungeza eKarika.


U-Abrama wakhuphuka ephuma eGibithe, yena nomkakhe, nakho konke anakho, noLoti enaye, waya eningizimu.


Ama-Amori ahlala kuleyo ntaba aphuma anihlangabeza, anixosha, njengokwenza kwezinyosi, anichitha eSeyiri kwaze kwaba seHorma.


Bavuka ekuseni kakhulu, bakhuphukela esiqongweni sentaba, bathi: “Bheka, silapha, senyukela endaweni uJehova ayithembisayo, ngokuba sonile.”


Ama-Amaleki ahlala ezweni laseningizimu, amaHeti, namaJebusi, nama-Amori ahlala ezintabeni, namaKhanani ahlala ngaselwandle ngasogwini lweJordani.


Isigodi saseSidimi sasigcwele imigodi yebitume; amakhosi aseSodoma naseGomora abaleka, awela khona; labo abaseleyo babalekela entabeni.


Wasuka eningizimu waze wafika eBethele, endaweni lapho itende lakhe lalikhona ekuqaleni, phakathi kweBethele ne-Ayi;


Suka, udabule izwe ngobude balo nobubanzi balo; ngoba ngizakunika lona.


Bheka, izwe elikulo; nabantu abahlala khona, noma banamandla, noma bebuthakathaka, bayingcosana noma baningi;


UJoshuwa indodana kaNuni wathuma amadoda amabili eShithimi ukuba abe yizinhloli ngasese, wathi: “Hambani nibone izwe laseJeriko.” Base behamba, bafika endlini yesifebe, uRahabi, balala khona.


UJoshuwa walichitha lonke izwe lezintaba, nelaseningizimu, nelasesigodini, nelemithombo, nawo onke amakhosi alo;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite