Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 11:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Isixuku esasiphakathi kwabo salamba, nabantwana bakwa-Israyeli baphinda bakhala, bathi: “Ngubani ozosinika inyama ukuba sidle na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ingxubevange eyayiphakathi kwabo yaqala ukufisa nokufisa; nabantwana bakwa-Israyeli babuye bakhala, bathi: “Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Ingxubevange eyayiphakathi kwabantu bakwa-Israyeli yaqala ukulangazelela izinto zaseGibhithe nabantu bakwa-Israyeli babuye bakhala, bathi: “Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle na?

Gade chapit la Kopi




UNumeri 11:4
16 Referans Kwoze  

Lezizinto zaba yizibonelo kithi, ukuze singafisi okubi, njengalokhu bona bafisa.


Nexuku eliyingxubevange lenyuka nabo; nemfuyo nezinkomo, yebo, izinkomo eziningi.


Kodwa okufiswa kakhulu enkangala bamlinga uNkulunkulu enkangala.


Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.


Lapho bezwa umthetho, bahlukanisa yonke ingxubevange yakwa-Israyeli.


Kepha yembathani iNkosi uJesu Kristu, ningakhathaleli inyama ukuba nifeze izinkanuko zayo.


Abantwana bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi safa ngesandla sikaJehova ezweni laseGibithe, sihlezi ngasemakhanzini enyama, sidla inala yesinkwa; ngoba nisikhiphise kuleli hlane ukuba nibulale lonke leli bandla ngendlala.


Ngokuba bonke labo bantu ababona inkazimulo yami nezimangaliso zami engazenza eGibithe nasehlane, manje sebengilingile izikhathi eziyishumi, abalalelanga izwi lami;


Kuyinto encane yini ukuthi wasikhuphula ezweni elichichima ubisi nezinyosi ukuba usibulale ehlane, uma ungazenzi ngokuphelele isikhulu phezu kwethu na?


Yithi: Hatshi; kepha siyakuya ezweni laseGibithe, lapho singayikubona khona impi, sizwe ukukhala kwecilongo, singalambele isinkwa; futhi lapho sizohlala khona.


Ngikuzwile ukububula kwabantwana bakwa-Israyeli; khuluma kubo uthi: Kusihlwa niyakudla inyama, ekuseni nisuthe yisinkwa; niyakwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.


Uzakuthi ebantwini: Zingcweliseni kusasa, lizakudla inyama; ngoba nakhala phambi kukaJehova, lathi: Ngubani ozasipha inyama sidle? ngoba kwakusihambela kuhle eGibhithe; ngalokho uJehova uyakuninika inyama, nidle.


Ibandla lonke laphakamisa izwi lalo, lakhala; basebekhala abantu ngalobobusuku.


EThabera naseMasa naseKibroti-Hatava nimthukuthelisa uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite