Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 11:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

18 Uzakuthi ebantwini: Zingcweliseni kusasa, lizakudla inyama; ngoba nakhala phambi kukaJehova, lathi: Ngubani ozasipha inyama sidle? ngoba kwakusihambela kuhle eGibhithe; ngalokho uJehova uyakuninika inyama, nidle.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 “Yisho kubantu ukuthi: ‘Zingcweliseleni olwangakusasa, niyakudla inyama, lokhu nikhalile ezindlebeni zikaJehova ngokuthi: “Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle, ngokuba kwakukuhle kithi eGibithe,” ngalokho uJehova uyakuninika inyama, nize nidle.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 “Yisho kubantu ukuthi: ‘Zingcweliseleni usuku lwakusasa, niyokudla inyama, lokhu nikhalile ezindlebeni zikaSimakade, nathi: “Ngubani oyosipha inyama yokuba sidle, ngokuba kwakukuhle kithi eGibhithe;” yingakho nje uSimakade ezoninika inyama ukuba niyidle.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 11:18
16 Referans Kwoze  

I Nkosi yasisithi kuMozisi: Yana ebantwini, ubangcwelise lamuhla lakusasa, bahlanze izembatho zabo.


obaba bethu abavumanga ukumlalela, kodwa bamxotsha kibo, babuyela eGibhithe ngezinhliziyo zabo.


Uma abantu bekhononda, kwakungalungile emehlweni kaJehova, uJehova wakuzwa; intukuthelo yakhe yavutha; umlilo kaJehova wavutha phakathi kwabo, wabaqeda ababesemikhawulweni yekamu.


Abantu base befika endlini kaNkulunkulu, bahlala khona kwaze kwahlwa phambi kukaNkulunkulu; baphakamisa izwi labo, bakhala kakhulu;


Vuka, ungcwelise abantu, uthi: ‘Zingcweliseleni ikusasa, ngokuba usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Kukhona okuqalekisiweyo phakathi kwakho, Israyeli; awukwazi ukuma phambi kwezitha zakho uze ususe. Oqalekisiweyo phakathi kwenu.


Wathi kubantu: “Anilungile ngosuku lwesithathu; ningezi kubafazi benu.


UJakobe wayesethi endlini yakhe nakubo bonke ababe naye: “Susani onkulunkulu bezizweni abaphakathi kwenu, nizihlambulule, niguqule izingubo zenu.”


Nabapristi abasondela kuJehova mabazingcwelise, ukuze uJehova angabafohleli.


Aniyikudla usuku olulodwa noma izinsuku ezimbili noma ezinhlanu noma izinsuku eziyishumi noma izinsuku ezingamashumi amabili;


Noma ewuyeka futhi engawushiyi; kodwa lithule emlonyeni wakhe.


Lapho esesuthisa isisu sakhe, uNkulunkulu uzathululela phezu kwakhe ukuvutha kwentukuthelo yakhe, akunise phezu kwakhe ngesikhathi esidla.


Bheka, washaya idwala, kwaze kwagobhoza amanzi, nezifufula zaphuphuma; angakwazi futhi ukunikeza isinkwa? angalungisela abantu bakhe inyama na?


Wayesethi uMose: “Kuyakuthi uma uJehova eninika inyama kusihlwa ukuba nidle, nesinkwa ekuseni nisuthe; ngokuba uJehova uyezwa ukububula kwenu ngaye. Futhi siyini? anikhononi ngathi, kepha niphikisana neNkosi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite