Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 11:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngiyakwehla, ngikhulume nawe khona; ngiyakuthatha okukaMoya ophezu kwakho, ngikubeke phezu kwazo; futhi bayothwala umthwalo wabantu kanye nawe, ukuze ungawuthwali wedwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Ngiyakwehla, ngikhulume nawe khona, ngithathe okomoya ophezu kwakho, ngikubeke kuwo; ayakuthwala umthwalo wabantu kanye nawe, ukuze ungawuthwali wedwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Ngiyokwehla ngikhulume nawe lapho. Ngiyothatha okomoya ophezu kwakho, ngikubeke kuwo. Ayowuthwalisana nawe umthwalo wabantu, awuyukuwuthwala wedwa.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 11:17
32 Referans Kwoze  

UMoya kaJehova uzakufika phezu kwakho, uprofethe kanye nabo, uguqulwe ube ngomunye umuntu.


INkosi yehla ngefu, yakhuluma kuye, yathatha okoMoya ophezu kwakhe, yakunika amalunga angamashumi ayisikhombisa; lapho uMoya uhlezi phezu kwabo, baprofetha, kodwa abazange bayeke.


Kepha thina asamukelanga umoya wezwe, kodwa umoya ovela kuNkulunkulu; ukuze sazi izinto esiphiwe ngesihle nguNkulunkulu.


Kwathi sebedabula, u-Eliya wathi ku-Elisha: “Cela engizakukwenzela khona ngaphambi kokuba ngisuswe kuwe.” U-Elisha wathi: “Izingxenye ezimbili zomoya wakho mazibe phezu kwami.”


Emva kwalokho ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, amaxhegu enu aphuphe amaphupho, nezinsizwa zenu zibone imibono.


Kwathi amadodana abaprofethi ababezakumbona eJeriko embona athi: Umoya kaElija uhlezi phezu kukaElisha. Bamhlangabeza, bakhothama emhlabathini phambi kwakhe.


Kepha nina anisenyameni, kodwa nikuMoya, uma uMoya kaNkulunkulu ehlala kini. Kepha uma umuntu engenaye uMoya kaKristu, lowo kasiye owakhe.


Ngakho-ke owalayo akali umuntu, kepha wala uNkulunkulu osinikile noMoya wakhe oNgcwele.


Wabanika nomoya wakho omuhle ukubafundisa, awugodlanga imana lakho emlonyeni wabo, wabanika amanzi ngokoma kwabo.


Mabahlulele abantu ngaso sonke isikhathi; zonke izindaba ezinkulu ziyakuziletha kuwe, kepha zonke ezincane ziyakwahlulela; ngakho-ke kuyoba lula kuwe, futhi bayothwala umthwalo kanye nawe.


Laba yibo abazahlukanisayo, abenyama, abangenaye uMoya.


Njengoba selihlambulule imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso ngoMoya kuze kube sothandweni olungazenzisi lwabazalwane, thandanani kakhulu ngenhliziyo emhlophe;


INkosi yehla ngensika yefu, yema ngasemnyango wetabernakele, yabiza o-Aroni noMiriyamu; baphuma bobabili.


UJehova wehlela phezu kwentaba yaseSinayi esiqongweni sentaba, uJehova wambiza uMose ukuba eze esiqongweni sentaba; uMose wakhuphuka.


UJehova wehla ukuze abone umuzi nombhoshongo abantwana babantu ababewakhile.


(Kepha lokhu wakusho ngoMoya ababezakwamukeliswa abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, ngokuba uJesu wayengakakhazinyuliswa.)


Akakho nowenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu esezulwini.


Ngokuba ngiyakuthela amanzi phezu kowomileyo, nemifudlana emhlabathini owomileyo; ngiyakuthulula uMoya wami enzalweni yakho nesibusiso sami phezu kwenzalo yakho.


UJehova wayesethi kuMose: “Zithathele uJoshuwa, indodana kaNuni, umuntu okuye uMoya, ubeke isandla sakho phezu kwakhe;


Ngiyakukhuluma naye umlomo nomlomo, ngokusobala, kungabi ngamazwi angamafu; futhi uyobona isimo sikaJehova. Aningesabi ngani ukukhuluma kabi ngenceku yami uMose na?


INkosi yehla ngeyezi yema lapho kanye naye, yabiza iGama leNkosi.


Nizilungiselele ngosuku lwesithathu, ngokuba ngosuku lwesithathu uJehova uyakwehla phambi kwamehlo abo bonke abantu entabeni yaseSinayi.


INkosi yasihamba indlela yayo, isiqedile ukukhuluma loAbrahama; uAbrahama wasebuyela endaweni yakhe.


Wayeseyeka ukukhuluma naye, uNkulunkulu wakhuphuka esuka ku-Abrahama.


U-Abrama wawa ngobuso bakhe, uNkulunkulu wakhuluma kuye, wathi:


Ngokuqinisekile uzokhathala, wena nalaba bantu abakanye nawe, ngoba le nto inzima kakhulu kuwe; awukwazi ukukwenza ngokwakho.


Wayesecabanga ngezinsuku zasendulo, uMose nabantu bakhe, wathi: “Uphi yena owabakhuphula elwandle kanye nomalusi womhlambi wakhe na?” uphi yena owafaka umoya wakhe ongcwele kuye?


UMose esengena etendeni lokuhlangana ukuba akhulume naye, wezwa izwi lokhuluma kuye livela esihlalweni somusa esiphezu komphongolo wobufakazi phakathi kwamakherubi omabili; wakhuluma kuye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite