Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 9:20 - Contemporary Zulu Bible 2024

20 Wabanika nomoya wakho omuhle ukubafundisa, awugodlanga imana lakho emlonyeni wabo, wabanika amanzi ngokoma kwabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Wabanika nomoya wakho omuhle ukubafundisa; awugodlanga imana* lakho emilonyeni yabo, wabanika amanzi ngokoma kwabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 Wabanika uMoya wakho omuhle, ukubafundisa. Awuzange ubancishe imana yakho, wabuye wabanika amanzi okucima ukoma.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 9:20
24 Referans Kwoze  

Ngifundise ukwenza intando yakho; ngoba wena unguNkulunkulu wami. Umoya wakho muhle; ngiholele ezweni lobuqotho.


Ngiyakwehla, ngikhulume nawe khona; ngiyakuthatha okukaMoya ophezu kwakho, ngikubeke phezu kwazo; futhi bayothwala umthwalo wabantu kanye nawe, ukuze ungawuthwali wedwa.


UJesu waphendula wathi kuye: Uba ubusazi isipho sikaNkulunkulu, lokuthi ngubani othi kuwe: Nginathisa; ubuyakucela kuye, yena ubeyakukunika amanzi aphilayo.


Ngokuba isiprofetho asifikanga endulo ngentando yomuntu, kepha abantu abangcwele bakaNkulunkulu bakhuluma beqhutshwa nguMoya oNgcwele.


Futhi abomanga lapho ebahola ehlane; Wabaphumisela amanzi edwaleni; Futhi waqhekeza idwala, futhi amanzi aphuma.


(Ngokuba isithelo sikaMoya sikubo bonke ubuhle nokulunga neqiniso;)


Kepha lowo ophuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kodwa amanzi engizamnika wona azakuba kuye umthombo wamanzi aphuphumayo empilweni elaphakade.


Wavula idwala, kwaphuma amanzi; bahamba ezindaweni ezomile njengomfula.


Imana lanqamuka ngangomuso sebedlile ukolweni wezwe; abantwana bakwa-Israyeli ababa naso imana; kepha badla ezithelweni zezwe laseKhanani ngalowo mnyaka.


Bheka, ngiyakuma lapho phambi kwakho edwaleni laseHorebe; uyakushaya idwala, kuphume amanzi kulo, abantu baphuze. Wenze njalo uMose emehlweni amalunga akwa-Israyeli.


Kwathi abantwana bakoIsrayeli bekubona bathi omunye komunye: Leli yimana, ngoba babengazi ukuthi liyini. Wayesethi uMose kubo: “Lesi yisinkwa uJehova aninike sona ukuba nisidle.


Eminye iminyaka eminingi wababekezelela futhi wafakaza ngokumelene nabo ngomoya wakho kubaprofethi bakho; nokho abalalelanga; ngalokho wabanikela esandleni sabantu bamazwe.


Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngenxa yeNkosi uJesu Kristu, nangenxa yothando lukaMoya, ukuba nikhuthale kanye nami emikhulekweni yenu kuNkulunkulu ngenxa yami;


Abayikulamba, noma bome; futhi ukushisa nelanga ngeke kubashaye; ngokuba lowo onomusa kubo uyakubahola, abahole ngasemithonjeni yamanzi.


Abantwana bakwa-Israyeli badla imana iminyaka engamashumi amane, baze bafika ezweni elakhiweyo; badla imana baze bafika emikhawulweni yezwe laseKhanani.


Bonke badla ukudla okufanayo kokomoya;


Njengezwi engalenza nani ekuphumeni kwenu eGibithe, umoya wami uphakathi kwenu; Ungesabi.


UJehova wayesethi kuMose: “Bheka, ngizakuninisela isinkwa esivela ezulwini; futhi abantu kumelwe baphume futhi baqoqe inani elithile nsuku zonke, ukuze ngibavivinye ukuthi bayohamba yini emthethweni wami noma cha.


Abantu bakhona bomele amanzi; abantu bakhonona ngoMose, bathi: “Usikhuphuleleni eGibithe ukuba usibulale ngokoma thina nabantwana bethu nemfuyo yethu na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite