Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 9:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Wabahola ngensika yefu emini; nasebusuku ngensika yomlilo ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Wabahola ngensika yefu emini nangensika yomlilo ebusuku ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Emini wawubahola ngensika yefu, ebusuku ngensika yomlilo eyayibakhanyisela endleleni ababehamba kuyo.”

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 9:12
12 Referans Kwoze  

Kepha awubashiyanga ngobuningi bobubele bakho ehlane; insika yefu ayizange isuke kubo emini ukubaqondisa endleleni; nensika yomlilo ebusuku ukubabonisa ukukhanya nendlela okufanele bahambe ngayo.


Ake ngizwe umusa wakho ekuseni; ngoba ngithemba wena; ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo; ngoba ngiphakamisela umphefumulo wami kuwe.


Wabahola ngendlela eqondileyo, ukuze baye emzini wokuhlala.


Wendlala ifu njengesembozo; nomlilo wokukhanyisa ebusuku.


Wabahola ngefu emini, nangokukhanya komlilo ubusuku bonke.


Ubaqondisile ngomusa wakho abantu obahlengileyo; Wabahola ngamandla akho wabayisa endaweni yakho engcwele.


Kwakunjalo ngaso sonke isikhathi: ifu lalisibekela emini kanye nomlilo ebusuku.


owahamba phambi kwenu endleleni ukunifunela indawo yokumisa amatende enu, emlilweni ebusuku, ukuze anibonise indlela eniyakuhamba ngayo, nangefu emini.


Kwathi lapho ifu lihlezi kusukela kusihlwa kuze kube sekuseni, nefu liphakama ekuseni, basuka; noma kwakusemini noma ebusuku ukuthi ifu lenyuka, bahamba.


mhla ngibaphakamisela isandla sami ukuba ngibakhiphe ezweni laseGibithe ngibayise ezweni engangibabonele lona, elichichima ubisi nezinyosi, eliwudumo lwamazwe onke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite