Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 8:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 UNehemiya onguTirishatha, no-Ezra, umpristi, nombhali, namaLevi ayefundisa abantu, bathi kubantu bonke: “Lolu suku lungcwele kuJehova uNkulunkulu wenu; ningalili futhi ningakhali. Ngokuba bonke abantu bakhala lapho bezwa amazwi omthetho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UNehemiya owayengumbusi, no-Ezra umpristi nombhali, namaLevi ayebafundisa abantu, bathi kubantu bonke: “Lolu suku lungcwele kuJehova uNkulunkulu wenu; ningalili, ningakhali.” Ngokuba bonke abantu bakhala, lapho bezwa amazwi omthetho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Abantu lapho bezwa amazwi omthetho, balila kodwa uNehemiya umbusi, no-Ezra umphristi nombhali, nabaLevi ababefundisa abantu bathi kubo: “Ningakhali, ningalili, ngokuba lolu lusuku lungcwele kuSimakade uNkulunkulu wenu.”

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 8:9
30 Referans Kwoze  

Abanye bezinhloko zawoyise banikela emsebenzini. Umbusi wanikela endaweni yengcebo amadarike egolide ayinkulungwane, nezitsha ezingamashumi ayisihlanu, nezambatho zabapristi ezingamakhulu ayisihlanu namashumi amathathu.


Umbusi wabatshela ukuthi bangadli izinto ezingcwelengcwele, kuze kusukume umpristi one-Urimi neThumimi.


Kumelwe ujabule phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wena namadodana akho namadodakazi akho nezinceku zakho nezincekukazi zakho nomLevi osemasangweni akho; ngoba akanasabelo nafa kanye nawe.


U-Ezra, umpristi, wawuletha umthetho phambi kwebandla labesilisa nabesifazane, nabo bonke ababe nengqondo yokuzwa, ngolokuqala lwenyanga yesikhombisa.


Uthokoze phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi osemasangweni akho, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi ophakathi kwakho kuleyo ndawo. UJehova uNkulunkulu wakho ayikhethileyo ukumisa igama layo khona.


ukumisa abalilayo eZiyoni, ukubanika umhlobiso esikhundleni somlotha, amafutha entokozo esikhundleni sokulila, ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odabukileyo; ukuze babizwe ngokuthi imithi yokulunga, okutshalwe nguJehova, ukuze adunyiswe.


isikhathi sokukhala nesikhathi sokuhleka; isikhathi sokulila nesikhathi sokusina;


Umbusi wathi kubo ukuthi bangadli izinto ezingcwelengcwele, kuze kuvele umpristi one-Urimi neThumimi.


Niyakudla lapho phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nijabule ngakho konke enibeka kukho isandla senu, nina nezindlu zenu uJehova uNkulunkulu wenu akubusisile kuzo.


Tshono ebantwaneni bakoIsrayeli uthi: Ngenyanga yesikhombisa, ngolokuqala lwenyanga kuzakuba kini isabatha, isikhumbuzo sokubethwa kwamacilongo, umbuthano ongcwele.


Ngokuba ngake ngaphila ngaphandle komthetho;


Ngakho-ke ngemisebenzi yomthetho akukho nyama eyakulungisiswa phambi kwakhe, ngokuba ngomthetho kukhona ukwazi isono.


Futhi lokhu nikwenzile ngokusibekela i-altare likaJehova ngezinyembezi, ngokukhala nangokumemeza, ukuze angabe esabanaka umhlatshelo, angawemukeli ngokuthokoza esandleni senu.


Abantu bami babhubha ngokuswela ukwazi; ngokuba ukulahlile ukwazi, nami ngiyakukulahla, ungabi ngumpristi wami; ngoba ukhohliwe umlayo kaNkulunkulu wakho, lami ngizakhohlwa abantwana bakho.


Kwakusezinsukwini zikaJehoyakimi indodana kaJeshuwa kaJosadaki nasemihleni kaNehemiya umbusi no-Ezra umpristi umbhali.


Ababekwa uphawu babengoNehemiya, umTirisatha, indodana kaHagaliya, noSedekiya,


Nansi ikhophi yencwadi inkosi u-Aritahishashita eyayinika u-Ezra, umpristi, umbhali, umbhali wamazwi emiyalo kaJehova nezimiso zakhe ku-Israyeli.


Wathi kumaLevi afundisa wonke u-Israyeli, ayengcwele kuJehova: “Bekani umphongolo ongcwele endlini uSolomoni indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli, ayakhayo; ngeke kube umthwalo emahlombe enu; manje khonzani uJehova uNkulunkulu wenu nabantu bakhe u-Israyeli,


Hambani ningibuzele kuJehova, nangenxa yabaseleyo kwa-Israyeli noJuda, ngamazwi encwadi efunyenweyo; ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova ethelulwe phezu kwethu, ngokuba obaba abaligcinanga izwi likaJehova ukuba benze njengakho konke okulotshwe kule ncwadi.


Lapho inkosi isizwa amazwi omthetho, yaklebhula izingubo zayo.


UHezekiya wakhuluma kamnandi nawo onke amaLevi ayefunde ukwazi okuhle kukaJehova; futhi ngesikhathi somkhosi badla izinsuku eziyisikhombisa banikela imihlatshelo yokubonga bavuma izono kuJehova uNkulunkulu wawoyise.


Manje u-Israyeli wayesenesikhathi eside engenaye uNkulunkulu weqiniso nompristi ofundisayo futhi engenamthetho.


Ngokuba inhliziyo yakho yayithambile, wazithoba phambi kukaJehova, lapho usuzwile engikukhulume ngale ndawo nabakhileyo kuyo, ukuthi bayakuba yihlane nesiqalekiso, izingubo zakho zidatshulwe, zakhala izinyembezi emehlweni akho. Mina; nami nginizwile,” usho uJehova.


Kwathi inkosi isizwile amazwi encwadi yomthetho, yaklebhula izingubo zayo.


Angizange ngidle kukho ekulileni kwami, futhi angithathanga kukho kukho nganoma iyiphi indlela engcolile, futhi angizange nginikeze okunye kwakho kwabafileyo; kepha ngalilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wami, ngenza njengakho konke owangiyala ngakho.


Yibani lusizi, nilile, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukulila, nokujabula kwenu kube ukudabuka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite