Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 8:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Bonke abantu bahamba ukuze badle, baphuze, bathumele izabelo, bajabule kakhulu, ngokuba babewaqonda amazwi ababeshunyayelwa kuwo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Abantu bonke bahamba ukuba badle, baphuze, bathumele izabelo, bajabule kakhulu, ngokuba babeqondile amazwi ababewazisiwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Bonke abantu bahamba bayokudla, baphuza, bapha abantulayo ukudla, bajabula kakhulu, ngokuba babekuzwile abakutshelwayo.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 8:12
25 Referans Kwoze  

Ngilangazelela insindiso yakho, Jehova; nomthetho wakho uyintokozo yami.


Base bethi omunye komunye: “Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu, lapho ekhuluma kithi endleleni, nalapho esivulela imibhalo, na?


Izindebe zami ziyakukhuluma indumiso lapho ungifundisa izimiso zakho.


Ukufakwa kwamazwi akho kuyakhanyisa; kunikeza ukuqonda kwabangenalwazi.


Ngalokho ngiyathanda imiyalo yakho kunegolide; yebo, ngaphezu kwegolide elihle.


Ngidle ifa lobufakazi bakho kuze kube phakade, ngokuba kungukuthokoza kwenhliziyo yami.


MEM. O, yeka indlela engiwuthanda ngayo umthetho wakho! lokhu kungukuzindla kwami usuku lonke.


Umthetho womlomo wakho muhle kimi kunezinkulungwane zegolide nesiliva.


Ngiyakuthokoza ngezimiso zakho; angiyikukhohlwa izwi lakho.


Ngiyathokoza ngendlela yobufakazi bakho njengengcebo yonke.


Angibuyanga emyalweni wezindebe zakhe; amazwi omlomo wakhe ngawenza ngaphezu kokudla kwami.


Ngokuba ngiyazi ukuthi kimi, okungukuthi enyameni yami, akuhlali okuhle, ngokuba ukuthanda kukhona kimi; kodwa ukwenza okuhle kangikutholi.


Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; izwi lakho laba yintokozo kimi nentokozo yenhliziyo yami, ngokuba igama lakho labizwa phezu kwami, Jehova Nkulunkulu Sebawoti.


Nabakhileyo emhlabeni bayakujabula ngabo, bajabule, bathumele izipho omunye komunye; ngoba laba baprofethi ababili babahlupha abakhileyo emhlabeni.


Wayesethi kubo: “Hambani nidle amanoni, niphuze okumnandi, nithumele izabelo kwabangalungiselelwanga lutho; ngoba lolu suku lungcwele eNkosini yethu; ngokuba intokozo kaJehova ingamandla enu.


AmaLevi athulisa abantu bonke, athi: “Thulani, ngokuba usuku lungcwele; futhi ningadabuki.


Ngosuku lwesibili izinhloko zawoyise babo bonke abantu, abapristi namaLevi, zabuthana kanye no-Ezra umbhali ukuze baqonde amazwi omthetho.


njengezinsuku amaJuda aphumula ngazo ezitheni zawo, nenyanga eyaguqulelwa kuwo usizi yaba intokozo, nokulila kwaba usuku oluhle; nezipho kwabampofu.


Wadla, waphuza ngokuthokoza okukhulu phambi kukaJehova ngalolo suku. Basebembeka uSolomoni indodana kaDavide inkosi ngokwesibili, bamgcobela uJehova abe ngumbusi omkhulu, noSadoki abe ngumpristi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite