Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 8:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Bonke abantu babuthana njengomuntu munye esigcawini esiphambi kweSango Lamanzi; bakhuluma ku-Ezra, umbhali, ukuba alethe incwadi yomthetho kaMose uJehova ayala ngayo u-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Bonke abantu babuthana njengomuntu munye esigcawini esasiphambi kweSango Lamanzi; bakhuluma ku-Ezra, umbhali, ukuba alethe incwadi yomthetho kaMose, uJehova ayeyale ngawo u-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Abantu base behlangana, kwangathi bamuntu munye, egcekeni elaliphambi kweSango Lamanzi. Bamtshela u-Ezra, umbhali, ukuba alethe incwadi yomthetho kaMose, uSimakade awunika u-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 8:1
25 Referans Kwoze  

U-Ezra lo wenyuka evela eBhabhiloni; futhi wayengumbhali ohlakaniphile emthethweni kaMose uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ayewunike wona;


AmaNethini ahlala e-Ofeli, kwaze kwaba maqondana neSango Lamanzi ngasempumalanga, nasembhoshongweni ophumela ngaphandle.


UHilikiya waphendula, wathi kuShafani umbhali: “Ngifumene incwadi yomthetho endlini kaJehova.” UHilikiya wayinika uShafani incwadi.


Nansi ikhophi yencwadi inkosi u-Aritahishashita eyayinika u-Ezra, umpristi, umbhali, umbhali wamazwi emiyalo kaJehova nezimiso zakhe ku-Israyeli.


Ngakho-ke, bhekani, mina ngithumela kini abaprofethi, nabahlakaniphileyo, nababhali; abanye kubo niyakubashaya emasinagogeni enu, nibazingele imizi ngemizi;


Kodwa maye kini, babhali labaFarisi, bazenzisi! ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu, ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukuba bangene.


Esithi: Ababhali nabaFarisi bahlezi esihlalweni sikaMozisi;


Wayesethi kubo: “Ngakho wonke umbhali ofundisiwe embusweni wezulu ufana nomuntu umninindlu okhipha engcebweni yakhe izinto ezintsha nezindala.


Khumbulani umthetho kaMose inceku yami engamyala ngawo eHorebe ngoIsrayeli wonke, izimiso nezahlulelo.


Emthethweni nasebufakazini: uma bengakhulumi njengaleli zwi, kungoba akukho ukukhanya kubo.


ESangweni Lomthombo elibhekene nabo, bakhuphuka ngezitebhisi zoMzi kaDavide emqashweni wogange phezu kwendlu kaDavide, besiya eSangweni Lamanzi ngasempumalanga.


Abantu baphuma bawaletha, bawenza amadokodo, kwaba yilowo nalowo ophahleni lwendlu yakhe nasemagcekeni abo nasemagcekeni endlu kaNkulunkulu, nasesigcawini seSango Lamanzi nasezitaladini zakwa-Efrayimi. Isango.


Bonke abantu basukuma njengamuntu munye, bathi: “Asiyikuya etendeni lakhe, futhi asiyikungena endlini yakhe.”


Base bephuma bonke abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yabuthana njengomuntu munye kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba kanye nezwe lakwaGileyadi kuJehova eMispa.


Inkosi yakhuphukela endlini kaJehova kanye nawo wonke amadoda akwaJuda nabakhileyo eJerusalema nabapristi namaLevi nabantu bonke, abakhulu nabancane, yafunda ezindlebeni zabo wonke amazwi encwadi. Yesivumelwano esatholwa endlini kaJehova.


U-Ezra walungisa inhliziyo yakhe ukufuna umthetho kaJehova nokuwenza nokufundisa izimiso nezahlulelo kwa-Israyeli.


Wayifunda phambi kwesitaladi esiphambi kweSango Lamanzi kusukela ekuseni kwaze kwaba ntambama, phambi kwabesilisa nabesifazane nababe nengqondo yokuqonda; izindlebe zabo bonke abantu zalalela incwadi yomthetho.


Bakuletha lokho uMose akuyalayo phambi kwetende lokuhlangana; inhlangano yonke yasondela, yema phambi kukaJehova.


Lapho wonke u-Israyeli efika ukubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha, kumelwe ufunde lo mthetho phambi kuka-Israyeli wonke ezindlebeni zabo.


Inkosi yakhuphukela endlini kaJehova, namadoda onke akwaJuda nabo bonke abakhileyo eJerusalema kanye nayo, nabapristi, nabaprofethi, nabantu bonke, abancane nabakhulu, yafunda kubo, amazwi encwadi yesivumelwano eyafunyanwa endlini kaJehova.


Emva kwalezi zinto, ekubuseni kuka-Aritahishashita, inkosi yasePheresiya, u-Ezra, indodana kaSeraya, indodana ka-Azariya, indodana kaHilikiya,


Kwakusezinsukwini zikaJehoyakimi indodana kaJeshuwa kaJosadaki nasemihleni kaNehemiya umbusi no-Ezra umpristi umbhali.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite