Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 7:73 - Contemporary Zulu Bible 2024

73 Abapristi namaLevi nabalindisango nabahlabeleli nabanye abantu namaNethini no-Israyeli wonke bahlala emizini yabo; ekufikeni kwenyanga yesikhombisa abantwana bakoIsrayeli besemizini yabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

73 Base behlala-ke abapristi, namaLevi, nabalindisango, nabahlabeleli, nabanye abantu, namaNethini,* naye wonke u-Israyeli emizini yabo. Kwathi lapho inyanga yesikhombisa isifikile, abantwana bakwa-Israyeli babe semizini yabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

73 Abaphristi, abaLevi, abalindisango, abaculi, izisebenzi zasethempelini, abanye abantu no-Israyeli wonke bahlala emizini yakubo. Ngenyanga yesikhombisa, abantu base bezinzile emizini yakubo.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 7:73
7 Referans Kwoze  

Abapristi namaLevi nabanye abantu nabahlabeleli nabalindisango namaNethini bahlala emizini yabo, no-Israyeli wonke emizini yabo.


Base befika babiza umlindisango womuzi, bamtshela ukuthi: “Safika ekamu lama-Aramu, bheka, kwakungekho muntu lapho, nezwi lomuntu, kuphela amahhashi ahlonyiweyo nezimbongolo ezihlonyiwe, namatende njengoba ayenjalo.


Abakhileyo kuqala emafeni abo emizini yabo kwakungu-Israyeli, nabapristi, namaLevi, namaNethini.


Kwathi ekufikeni kwenyanga yesikhombisa abantwana bakwa-Israyeli besemizini, abantu babuthana njengomuntu munye eJerusalema.


Abanye abantu abanikela ngakho kwakungamadarike ayizinkulungwane ezingamashumi amabili egolide namamane ayizinkulungwane ezimbili esiliva nezingubo zabapristi ezingamashumi ayisithupha nesikhombisa.


Lezi ziyizinduna zesifunda ezahlala eJerusalema, kepha emizini yakwaJuda kwahlala, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe emizini yabo, u-Israyeli, nabapristi, namaLevi, namaNethini, nabantwana bezinceku zikaSolomoni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite