Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 7:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 UNkulunkulu wami wakufaka enhliziyweni yami ukuba ngiqoqe izikhulu nababusi nabantu, ukuze babalwe ngokohlu lozalo. Ngathola umbhalo wozalo lwalabo abenyuka kuqala, ngathola kulotshiwe ukuthi:

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UNkulunkulu wami wabeka enhliziyweni yami ukuba ngibuthe abakhulu, nababusi, nabantu, ukuze babhalwe ngezizukulwane. Ngafumana incwadi yezizukulwane zabakhuphuka kuqala, ngafumana kulotshiwe kuyo ukuthi:

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 UNkulunkulu wangenza ngaba nevuso enhliziyweni yami, ngase ngimemela abantu embizweni yeziphathimandla nezikhulu nabantu, ukuba bazobhalisa ngokwemindeni yabo. Ngathola umlando wolibo lwalabo ababebuye kuqala. Nakhu engakutholayo:

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 7:5
15 Referans Kwoze  

Ningaduki, bazalwane bami abathandekayo.


Nami ngiyakukhandlekela lokho, ngilwa ngokokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.


Kodwa makabongwe uNkulunkulu ofake inkuthalo efanayo enhliziyweni kaThithu ngani.


Kungesikho ukuthi siyenelisa ngokwethu ukucabanga utho njengoluvela kithi; kodwa ukwenelisa kwethu kuvela kuNkulunkulu;


Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize; kodwa ngisebenze kakhulu kakhulu kunabo bonke;


Babheka umbhalo wabo phakathi kwababalwayo ngokohlu lozalo, kepha awutholakalanga;


Nkulunkulu wami, khumbula oThobiya noSanibhalati njengalezi zenzo zabo, nangomprofethikazi uNowadiya nabanye abaprofethi ababengangethusa.


Ngikhumbule, Nkulunkulu wami, kube kuhle, njengakho konke engikwenzele laba bantu.


Makabongwe uJehova uNkulunkulu wawobaba owafaka into enjalo enhliziyweni yenkosi ukuhlobisa indlu kaJehova eseJerusalema.


Bafuna umbhalo wabo phakathi kwababalwayo ngokohlu lozalo, kepha awafunyanwa; ngakho-ke, njengoba bengcolile, baxoshwa ebupristini.


Umuzi wawumkhulu, ubanzi, kepha abantu babembalwa kuwo, nezindlu zingakakhiwa.


Ngokuba uJehova uyapha ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqondisisa.


Mazi kuzo zonke izindlela zakho, futhi uyokwenza izindlela zakho ziqonde.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite