Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 6:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngase ngifika endlini kaShemaya indodana kaDelaya indodana kaMehetabeli eboshiwe; wathi: “Masibuthane endlini kaNkulunkulu, phakathi kwethempeli, sivale iminyango yethempeli, ngokuba bayakuza ukukubulala; yebo, ebusuku bayakuza ukukubulala.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ngase ngiya endlini kaShemaya indodana kaDelaya kaMehetabeli owayezivalele. Wathi: “Masihlangane endlini kaNkulunkulu phakathi kwethempeli, sivale iminyango yethempeli, ngokuba bayakufika ukukubulala, yebo, ebusuku bayakufika bakubulale.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Ngelinye ilanga ngavakashela uShemaya, indodana kaDelaya owayezalwa nguMehethabheli. UShemaya wayengaphumi emzini wakhe. Waphrofetha wathi: “Masihlangane endlini kaNkulunkulu, ngaphakathi ethempelini, sihluthulele iminyango yalo, ngokuba bayeza ukuzokukubulala. Impela bazofika ngalobu busuku ukuzokukubulala.”

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 6:10
21 Referans Kwoze  

UJeremiya wamyala uBaruki, wathi: “Ngivalelwe; Angikwazi ukungena endlini kaJehova;


Umuzi wonke wanyakaza, abantu bagijima kanyekanye, bambamba uPawulu, bamdonsela ngaphandle kwethempeli, kwavalwa masinyane iminyango.


Ngokuba yilowo nalowo owenza okubi uzonda ukukhanya, akezi ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ingasolwa.


Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.


Ubani phakathi kwenu oyohluthulela ize iminyango? aniwubasa ngeze e-altare lami. Angithokozi ngani, usho uJehova Sebawoti, futhi angiyikwamukela noma yimuphi umhlatshelo esandleni senu.


UMoya wayesengena kimi, wangimisa ngezinyawo zami, wakhuluma kimi, wathi kimi: ‘Hamba uzivalele endlini yakho.


Umzenzisi ngomlomo wakhe uyabulala umakhelwane wakhe, kepha abalungileyo bayakusindiswa ngolwazi.


Omubi uceba uzungu ngolungileyo, amgedlele amazinyo.


Bakhuluma okuyize, kube yilowo nalowo nomakhelwane wakhe; ngezindebe ezithophayo, bakhuluma ngenhliziyo embaxa-mbili.


Futhi bheka, ngabona ukuthi uNkulunkulu wayengamthumanga; kodwa ukuthi ukhulume lesi siprofetho ngami, ngokuba uThobiya noSanibhalati bamqashile.


Kumadodana kaHarimi: u-Eliyezeri, u-Ishiya, uMalkhiya, uShemaya, noSimeyoni,


Ngase ngithuma o-Eliyezeri, no-Ariyeli, noShemaya, no-Elinathani, noJaribi, no-Elinathani, noNathani, noZakariya, noMeshulamu, izinhloko; nakuJehoyaribi naku-Elinathani, amadoda ahlakaniphileyo.


Bahluthulela izivalo zekhulusi, bacima izibani, kabazange batshise impepha, kabanikelanga iminikelo yokutshiswa endaweni engcwele kuNkulunkulu kaIsrayeli.


Ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe, ngenyanga yokuqala, wavula iminyango yendlu kaJehova, wayilungisa.


U-Ahazi wabutha izitsha zendlu kaNkulunkulu, waphihliza izitsha zendlu kaNkulunkulu, wavala iminyango yendlu kaJehova, wazenzela ama-altare emagumbini onke eJerusalema.


Wacatsha kuye endlini kaJehova iminyaka eyisithupha. U-Athaliya wasebusa phezu kwelizwe.


Ngokuba yonke indlu ka-Ahabi iyakubhubha, nginqume ku-Ahabi oshaya udonga, oboshiwe noshiywe kwa-Israyeli.


Odongeni lwendlu wakha amakamelo nxazonke, ezingangeni zendlu nxazonke, ithempeli nendlu engaphakathi; wenza namakamelo nxazonke.


Wafa uBhahali-hanan, unyana ka-Akebhore, wathi uHadari walawula esikhundleni sakhe; igama lomuzi wakhe laliyiPhawu; igama lomkakhe lalinguMehetabheli, indodakazi kaMatredi, indodakazi kaMeshahabi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite