Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 5:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Babuyisele namuhla amasimu abo, nezivini zabo, neminqumo yabo, nezindlu zabo, nokwekhulu kwemali, nokolweni, newayini, namafutha eniwatholile kubo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ake nibuyisele namhlanje amasimu abo, nezivini zabo, neminqumo yabo, nezindlu zabo, nenxenye yekhulu yemali, neyamabele, neyewayini, neyamafutha enikubiza kubo kube yinzalo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Buyiselani kubo khona namhlanje amasimu abo, izivini zabo, izingadi zabo zeminqumo, izindlu zabo, inzalo yemali yabo, okusanhlamvu, iwayini namafutha ebenibaqola khona.”

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 5:11
9 Referans Kwoze  

Lokhu akusikho ukuzila engikukhethileyo na? ukuthukulula izibopho zobubi, ukuthukulula imithwalo esindayo, lokukhulula abacindezelweyo, lokuphula wonke amajogwe?


Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka, ningaqali ukuthi phakathi kwenu: ‘Sinobaba u-Abrahama;’ ngokuba ngithi kini: UNkulunkulu unamandla okumvusela u-Abrahama abantwana kulawa matshe.


Kumelwe alibuyisele iwundlu ngokuphindwe kane, ngoba yenze le nto nangenxa yokuthi yayingenasihawu.


Bhekani, ngilapha; fakazani ngami phambi kukaJehova naphambi kogcotshiweyo wakhe ukuthi ngithathe izinkomo zikabani na? noma ngithathe imbongolo kabani? kumbe ngikhohlise bani? ngicindezele bani? Ngemukele esandleni sikabani isifumbathiso ukuba ngiphuphuthekise amehlo ami ngaso na? futhi ngizokubuyisela kuwe.


nezindlu ezigcwele zonke izinto ezinhle ongazigcwalisanga, nemithombo eningayimbanga, izivini neminqumo eningayitshalanga; uma udla usuthe;


Ngendlela efanayo mina nabafowethu nezinceku zami sasibiza imali nokolweni kubo;


Base bethi: “Sizowabuyisela, singabafuni lutho; ngakho sizokwenza njengokusho kwakho. Ngase ngibiza abapristi, ngabafungisa ukuba benze ngokwalesi sithembiso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite