Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 3:26 - Contemporary Zulu Bible 2024

26 AmaNethini ahlala e-Ofeli, kwaze kwaba maqondana neSango Lamanzi ngasempumalanga, nasembhoshongweni ophumela ngaphandle.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 AmaNethini* ayehlezi e-Ofeli kwaze kwaba sendaweni malungana neSango Lamanzi ngasempumalanga nombhoshongo ophumeleleyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 nezisebenzi ezazihlala ethempelini e-Oferi, bakha kabusha ingxenye emalungana neSango Lamanzi, empumalanga yejika lombhoshongo. Lokhu kwakuseduze nengxenye yomuzi okwakuthiwa yi-Ofeli, lapho kwakuhlala khona amadoda ayesebenza ethempelini.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 3:26
13 Referans Kwoze  

Kodwa amaNethini ayehlala e-Ofeli;


Bonke abantu babuthana njengomuntu munye esigcawini esiphambi kweSango Lamanzi; bakhuluma ku-Ezra, umbhali, ukuba alethe incwadi yomthetho kaMose uJehova ayala ngayo u-Israyeli.


ESangweni Lomthombo elibhekene nabo, bakhuphuka ngezitebhisi zoMzi kaDavide emqashweni wogange phezu kwendlu kaDavide, besiya eSangweni Lamanzi ngasempumalanga.


Wayifunda phambi kwesitaladi esiphambi kweSango Lamanzi kusukela ekuseni kwaze kwaba ntambama, phambi kwabesilisa nabesifazane nababe nengqondo yokuqonda; izindlebe zabo bonke abantu zalalela incwadi yomthetho.


Emva kwalokho wakha ugange ngaphandle komuzi kaDavide ngasentshonalanga kweGihoni esigodini kwaze kwaba sekungeneni kweSango Lezinhlanzi, walihaqa i-Ofeli, waliphakamisa kakhulu. Kuyo yonke imizi ebiyelweyo yakwaJuda.


Wakha isango eliphakeme lendlu kaJehova, futhi wakha amaningi odongeni lwase-Ofeli.


Bonke abanye abantu, abapristi, namaLevi, nabalindisango, nabahlabeleli, namaNethini, nabo bonke abazahlukanisa nabantu bamazwe ngokomthetho kaNkulunkulu, nawomkabo, namadodana abo, namadodakazi abo, yilowo nalowo onolwazi nokuqondisisa;


Abantu baphuma bawaletha, bawenza amadokodo, kwaba yilowo nalowo ophahleni lwendlu yakhe nasemagcekeni abo nasemagcekeni endlu kaNkulunkulu, nasesigcawini seSango Lamanzi nasezitaladini zakwa-Efrayimi. Isango.


Ngemva kwalokho abaseThekhowa balungisa elinye ibanga malungana nombhoshongo omkhulu ophumela ngaphandle kuze kufike odongeni lwase-Ofeli.


Abakhileyo kuqala emafeni abo emizini yabo kwakungu-Israyeli, nabapristi, namaLevi, namaNethini.


Ngoba izigodlo ziyoshiywa zishiywe; isixuku somuzi siyakusala; izinqaba nemibhoshongo kuyakuba yimigodi kuze kube phakade, intokozo yezimbongolo zasendle, idlelo lemihlambi;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite