Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 2:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngavuka ebusuku, mina namadoda ambalwa kanye nami; angitshelanga muntu lokho uNkulunkulu wami abekubeke enhliziyweni yami ukuba ngikwenzele eJerusalema; futhi kwakungekho silwane kimi ngaphandle kwesilwane engangisigibele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngavuka ebusuku, mina nabantu abathile abayingcosana; angitshelanga muntu lokho uNkulunkulu akubeke enhliziyweni yami ukuba ngikwenzele iJerusalema; futhi kwakungekho silwane nami ngaphandle kwesilwane engangikhwele kuso.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Ngavuka ebusuku, ngahamba namanye amadoda; angitshelanga muntu ngalokho uNkulunkulu wami ayekubeke enhliziyweni yami ukuba ngikwenzele iJerusalema. Angithathanga silwane ngaphandle kwaleso engangisigibele.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 2:12
20 Referans Kwoze  

Ngokuba uNkulunkulu ukufakile ezinhliziyweni zazo ukuba zenze intando yakhe, zibe munye, zinike isilo umbuso wazo, aze agcwaliseke amazwi kaNkulunkulu.


Makabongwe uJehova uNkulunkulu wawobaba owafaka into enjalo enhliziyweni yenkosi ukuhlobisa indlu kaJehova eseJerusalema.


Kodwa makabongwe uNkulunkulu ofake inkuthalo efanayo enhliziyweni kaThithu ngani.


Kodwa yilesi isivumelwano engizasenza lendlu kaIsrayeli; Emva kwalezo zinsuku, usho uJehova, ngiyakubanikeza umthetho wami phakathi kwabo, ngiwulobe enhliziyweni yabo; futhi bayoba nguNkulunkulu kubo, futhi bayoba abantu Kimi.


Ngiyakwenza nabo isivumelwano esiphakade, ukuthi angiyikusuka kubo ukuba ngibenzele okuhle; kepha ngiyakufaka ukungesaba ezinhliziyweni zabo, ukuze bangasuki kimi.


Ngakho abahlakaniphileyo bayakuthula ngalesi sikhathi; ngoba kuyisikhathi esibi.


isikhathi sokuklebhula nesikhathi sokuthunga; isikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma;


Khulekelani ukuthula kweJerusalema: bazaphumelela abakuthandayo.


Yenzani okuhle kulo iSiyoni; yakha izingange zaseJerusalema.


Vuka-ke ebusuku, wena nabantu abakanye nawe, ulale, ulinde endle;


UGideyoni wayesethatha amadoda ayishumi ezincekwini zakhe, wenza njengokusho kukaJehova kuye; futhi ngenxa yokuthi wayesaba indlu kayise namadoda omuzi, kangangokuthi wayengenakukwenza emini, wakwenza ebusuku.


Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho hlakaniphani njengezinyoka, nibe msulwa njengamajuba.


Esevukile wathatha umntwana nonina ebusuku, wamuka waya eGibithe;


Ningathembi umngane, ningathembi umholi; mgcinele olala esifubeni sakho iminyango yomlomo wakho.


UJoshuwa wafika kubo ngokuzumayo, wakhuphuka eGiligali ubusuku bonke.


Ngase ngifika eJerusalema, ngahlala khona izinsuku ezintathu;


Ngaphuma ebusuku ngeSango Lesigodi ngaphambi komgodi kadrako naseSangweni Lomquba, ngabona izingange zaseJerusalema ezazibhidliziwe namasango alo ayeshiswe ngomlilo.


Umuntu ohlakaniphileyo uyafihla ulwazi, kodwa inhliziyo yeziwula imemezela ubuwula.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite