Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 13:28 - Contemporary Zulu Bible 2024

28 Enye yamadodana kaJehoyada indodana ka-Eliyashibi, umpristi omkhulu, yayingumkhwenyana kaSanibhalati umHoroni; ngalokho ngamxosha kimi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Enye yamadodana kaJoyada indodana ka-Eliyashibi umpristi omkhulu yayingumkhwenyana kaSanibalati umHoroni; ngamxosha kimi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

28 UJehoyada, indodana ka-Eliyashibhi, umphristi omkhulu, wavumela indodana yakhe ukuba iganwe yindodakazi kaSanibhalathi waseBhethi Horoni, ngakho-ke ngamxosha.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 13:28
14 Referans Kwoze  

Kepha lapho oSanibhalati umHoroni, noThobiya inceku, umAmoni, noGeshemu umArabhi, bezwa lokho, basihleka, basidelela, bathi: “Kuyini lokhu enikwenzayo na?” nizohlubuka enkosini na?


AmaLevi emihleni ka-Eliyashibi, noJehoyada, noJohanani, noJaduwa babhalwa njengezinhloko zezindlu zawoyise, nabapristi, kwaze kwaba sekubuseni kukaDariyu umPheresiya.


UJesuwa wazala uJehoyakimi, uJehoyakimi wazala uEliyashibi, uEliyashibi wazala uJehoyada;


Kwase kusukuma u-Eliyashibi umpristi omkhulu nabafowabo abapristi, bakha iSango Lezimvu; balingcwelisa, bamisa izivalo zalo; kwaze kwaba seMbhoshongweni waseMeya bawungcwelisa, kwaze kwaba naseMbhoshongweni kaHananeli.


Lapho uSanibhalati umHoroni, noThobiya inceku, umAmoni, bezwa ngakho, badabuka kakhulu ngokuthi kufike umuntu ukuzofuna okuhle kwabantwana bakwa-Israyeli.


Inkosi ehlakaniphileyo iyahlakaza ababi futhi ilethe isondo phezu kwabo.


Inkosi ehlezi esihlalweni sokwahlulela ihlakaza bonke ububi ngamehlo ayo.


Ngiyakubabhubhisa bonke ababi bezwe kusesekuseni; ukuze nginqume bonke ababi emzini kaJehova.


Ngase ngilwa nabo, ngabaqalekisa, ngabashaya abanye, ngabahluthula izinwele, ngabafungisa uNkulunkulu, ngathi: ‘Aniyikuwanika amadodana abo amadodakazi enu, ningathatheli amadodana enu namadodakazi abo.


Kodwa lapho uSanibhalati ezwa ukuthi sasilwakhile ugange, wathukuthela, wathukuthela kakhulu, wawahleka usulu abaJuda.


Futhi ukuthi noma ubani owayengafiki phakathi kwezinsuku ezintathu ngokweseluleko sezikhulu nabadala, yonke impahla yakhe yayiyothathwa, futhi kwakumelwe ahlukaniswe nenhlangano yabathunjwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite