Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 13:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

18 Babengenjalo oyihlo, uNkulunkulu wethu akehliselanga yini bonke lobu bubi phezu kwethu naphezu kwalo muzi? nokho nenezela ulaka phezu kuka-Israyeli ngokungcolisa isabatha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Abenzanga kanjalo oyihlo, noNkulunkulu wenu akehliselanga yini phezu kwenu konke lokho okubi, naphezu kwalo muzi, na? Nokho nina niyenezela intukuthelo phezu kuka-Israyeli ngokulona isabatha.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Akuyibo yini lobu bubi noyihlo ababenza, obalethela thina nalo muzi inhlekelele na? Manje nani niyaqhubeka nigovuza ulaka lukaNkulunkulu ukuba amelane no-Israyeli ngokuthi ningcolise iSabatha na?”

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 13:18
16 Referans Kwoze  

Futhi bayokuhlubula izingubo zakho futhi bathathe amagugu akho amahle.


Futhi akashiyanga ubufebe bakhe abakhishwa eGibithe; ngoba ebusheni bakhe balala naye, baphula amabele obuntombi bakhe, bathululela ubufebe babo phezu kwakhe.


Senikhohliwe yini ububi bawoyihlo nobubi bamakhosi akwaJuda nobubi babafazi bawo nobubi benu nobubi bawomkenu ababenza ezweni lakwaJuda nasezitaladini zezwe laseJerusalema?


Kepha uma ningangilaleli ukungcwelisa usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo, ningene ngamasango aseJerusalema ngosuku lwesabatha; ngiyakuphemba umlilo emasangweni alo, uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema, ungacimi.


Bhekani, senivukile esikhundleni sawoyihlo, isixuku sabantu abayizoni, ukwandisa ulaka lweNkosi phezu kuka-Israyeli.


Khona nami ngiyakuhamba ngithukuthelele; mina, yebo, mina, ngiyakunishaya kasikhombisa ngenxa yezono zenu.


Uma namanje ningangilaleli, ngiyakunijezisa kasikhombisa ngezono zenu.


ukuze uJehova angabe esakwazi ukukuthwala ngenxa yobubi bezenzo zenu nangenxa yezinengiso enazenzayo; ngalokho izwe lenu liyihlane, nesimangaliso, nesiqalekiso, alinamuntu ohlala khona, njenganamuhla.


Ngenxa yokuthi nakhuphula impepho nangenxa yokuthi nonile kuJehova futhi anizange nililalele izwi likaJehova futhi anihambanga ngomthetho wakhe nangezimiso zakhe nangobufakazi bakhe; ngalokho lobu bubi bukwehlele njenganamuhla.


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Futhi sazenzela iziqondiso zokuthi sikhokhe ingxenye yesithathu yeshekeli minyaka yonke enkonzweni yendlu kaNkulunkulu wethu;


Lathi: Kuzaphela nini ukwethwasa kwenyanga ukuze sithengise amabele? nesabatha, ukuze sihlukanise ukolweni ngokunciphisa i-efa neshekeli libe likhulu, sikhohlise isikali ngobuqili?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite