UNehemiya 13:16 - Contemporary Zulu Bible 202416 Kwakuhlala khona abantu baseTire ababeletha izinhlanzi nazo zonke izinhlobo zezimpahla, bathengisa ngakho kubantwana bakwaJuda naseJerusalema ngesabatha. Gade chapit laIBHAYIBHELI ELINGCWELE16 AbaseTire ababehlala khona bangenisa izinhlanzi nezimpahla zezinhlobo zonke, bathengisa ngakho ngesabatha kubantwana bakwaJuda naseJerusalema. Gade chapit laIsiZulu 202016 Kwakukhona futhi idlanzana labantu baseThire, ababehlala eJerusalema, bethengisa izinhlanzi nokunye, bekuthengisela abantu bakwaJuda emzini ngeSabatha. Gade chapit la |
Kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha likaJehova uNkulunkulu wakho; ungenzi msebenzi ngalo, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nenkabi yakho, nembongolo yakho, nezinkomo zakho, nomfokazi wakho ophakathi kwamasango akho; ukuze inceku yakho nencekukazi yakho baphumule njengawe.
Ngalezo zinsuku ngabona kwaJuda ukuthi abanye banyathela izikhamo zewayini ngesabatha, baletha izithungu, balayishe izimbongolo; kanye newayini, namagilebhisi, namakhiwane, nayo yonke inhlobo yemithwalo abayiletha eJerusalema ngosuku lwesabatha; futhi ngafakaza ngokumelene nabo ngosuku abathengisa ngalo ukudla.