Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 13:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kwakuhlala khona abantu baseTire ababeletha izinhlanzi nazo zonke izinhlobo zezimpahla, bathengisa ngakho kubantwana bakwaJuda naseJerusalema ngesabatha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 AbaseTire ababehlala khona bangenisa izinhlanzi nezimpahla zezinhlobo zonke, bathengisa ngakho ngesabatha kubantwana bakwaJuda naseJerusalema.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Kwakukhona futhi idlanzana labantu baseThire, ababehlala eJerusalema, bethengisa izinhlanzi nokunye, bekuthengisela abantu bakwaJuda emzini ngeSabatha.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 13:16
5 Referans Kwoze  

Izinsuku eziyisithupha kumelwe wenze umsebenzi wakho, futhi ngosuku lwesikhombisa kumelwe uphumule, ukuze inkabi yakho nembongolo yakho ziphumule, futhi indodana yesigqilakazi sakho nomfokazi baqabuleke.


Kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha likaJehova uNkulunkulu wakho; ungenzi msebenzi ngalo, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nenkabi yakho, nembongolo yakho, nezinkomo zakho, nomfokazi wakho ophakathi kwamasango akho; ukuze inceku yakho nencekukazi yakho baphumule njengawe.


Kodwa usuku lwesikhombisa luyisabatha leNkosi uNkulunkulu wakho; awuyikusebenza msebenzi ngalo, wena nendodana yakho noma indodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nezinkomo zakho, nomfokazi wakho okuwe. Amasango:


Ngalezo zinsuku ngabona kwaJuda ukuthi abanye banyathela izikhamo zewayini ngesabatha, baletha izithungu, balayishe izimbongolo; kanye newayini, namagilebhisi, namakhiwane, nayo yonke inhlobo yemithwalo abayiletha eJerusalema ngosuku lwesabatha; futhi ngafakaza ngokumelene nabo ngosuku abathengisa ngalo ukudla.


Ngase ngiphikisana nezikhulu zakwaJuda, ngathi kubo: “Kuyini lokhu okubi enikwenzayo, nilona usuku lwesabatha na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite