Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 13:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngamisa abaphathi-sikhwama phezu kwengcebo: uShelemiya umpristi, noSadoki umbhali, namaLevi, uPhedaya; eceleni kwabo kwakunguHanani indodana kaSakuri indodana kaMathaniya; ngokuba babebhekwa njengabathembekile, nomsebenzi wabo kwakumelwe wabelwe abafowabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngabeka abaphathizikhwama phezu kwengcebo: nguShelemiya umpristi, noSadoki umbhali, noPhedaya wamaLevi; eceleni kwabo kwakunguHanani kaZakuri kaMathaniya, ngokuba kwathiwa bathembekile; babeyakwabela abafowabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Ngaqoka amanye amadoda ukuba abe ngabagcinimafa bezinqolobane: uShelemiya umphristi, uZadoki ungoti kwezomthetho noPhedaya umLevi. UHanani, indodana kaZakhuri indodana kaMathaniya, wayezoba ngumsizi wabo. Lawo madoda ngangiwethemba ukuthi ayezoba qotho lapho esehlukaniselana nabanye ayesebenza nabo.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 13:13
20 Referans Kwoze  

Nganika umfowethu uHanani noHananiya induna yesigodlo ukuba babe negunya phezu kweJerusalema, ngoba wayeyindoda eqotho futhi emesaba uNkulunkulu ngaphezu kwabaningi.


Kodwa emalini eyayiphiwe esandleni sabo kababalelwanga, ngoba benza ngokuthembeka.


Futhi kuyadingeka kubaphathi, ukuthi umuntu afunyanwe ethembekile.


Ngakho-ke, bazalwane, zifuneleni phakathi kwenu amadoda ayisikhombisa anodumo oluhle, agcwele uMoya oNgcwele nokuhlakanipha, esingawabeka phezu kwalo msebenzi.


Ngalezo zinsuku, abafundi banda, kwavela ukukhonona kwabekhuluma isiGreki ngamaHeberu, ngokuba abafelokazi bawo babenganakwa enkonzweni yezinsuku zonke.


Ngaleso sikhathi kwamiswa abathile ukuba babe ngabaphathi bamakamelo engcebo, neminikelo, nolibo nokweshumi, ukuze kuqoqwe emasimini emizi izabelo zomthetho zabapristi namaLevi ezikuyo; UJuda wajabula ngabapristi namaLevi ababelindile.


Ngaphezu kwalokho, abazange babalelane namadoda ayenikele esandleni sawo imali ukuba anike izisebenzi, ngoba ayesebenza ngokwethembeka.


Nalaba mabaqale bahlolwe; khona-ke mabasebenzise isikhundla sobudikoni bengasoleki.


Ngiyambonga ongenzele amandla, uKristu Jesu iNkosi yethu, ngokuba wathi ngikholekile, engimisa enkonzweni;


Bakubeka phansi ezinyaweni zabaphostoli, kwasekwabelwa yilowo nalowo njengokuswela kwakhe.


INkosi yasisithi: Pho, ngubani umphathi othembekileyo lohlakaniphileyo, inkosi yakhe eyakumbeka phezu kwabendlu yayo, ukuze abaphe isabelo sabo sokudla ngesikhathi esifaneleyo?


Abanye emadodaneni abapristi bephethe amacilongo; uZakariya indodana kaJonathani indodana kaShemaya indodana kaMathaniya indodana kaMikaya indodana kaSaguri indodana ka-Asafa;


Umbonisi wamaLevi eJerusalema kwakungu-Uzi indodana kaBani indodana kaHashabiya indodana kaMathaniya indodana kaMika. Kumadodana ka-Asafa kwakukhona abahlabeleli ngomsebenzi wendlu kaNkulunkulu.


uZakuri, uSherebiya, uShebaniya,


U-Ezra umbhali wayemi epulpiti lamapulangwe ababelenzele lona; ngakuye uMatitja, noShema, no-Anaya, no-Uriya, noHilikiya, noMahaseja, bemi ngakwesokunene sakhe; futhi ngakwesobunxele sakhe uPhedaya noMishayeli noMalikhiya noHashumi noHasbadana noZakariya noMeshulamu.


Ngemva kwakhe, uHananiya, indodana kaShelemiya, noHanuni, indodana yesithupha kaSalafi, balungisa elinye ibanga. Emva kwakhe kwalungisa uMeshulamu indodana kaBeregiya ekamelweni lakhe.


Umpristi, indodana ka-Aroni, kumelwe abe kanye namaLevi lapho amaLevi ethatha okweshumi;


Imali yesikweletu nemali yesono akuzange kulethwe endlini kaJehova; kwakungabapristi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite