Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 13:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngabona ukuthi amaLevi awanikezwanga izabelo; ngokuba amaLevi nabahlabeleli abenza umsebenzi babaleka, kwaba yilowo nalowo waya ezweni lakubo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ngase ngazi ukuthi amaLevi awanikwanga izabelo zawo; amaLevi nabahlabeleli abenza umsebenzi babebalekele, kwaba yilowo nalowo ensimini yakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Ngabuye ngezwa nokuthi abanye abaLevi nabaculi ababesebenza ethempelini sebehambile bayosebenza emasimini abo, ngoba abantu base beyekile ukuba babanike isabelo sabo.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 13:10
11 Referans Kwoze  

Futhi kumelwe silethe ulibo lwenhlama yethu neminikelo yethu nezithelo zazo zonke izinhlobo zemithi, iwayini namafutha kubapristi emakamelweni endlu kaNkulunkulu wethu; nokweshumi kwezwe lethu kumaLevi, ukuze wona amaLevi athole okweshumi emizini yonke esilinywayo.


Umuntu angaphanga uNkulunkulu na? Nokho wangiphanga. Kodwa nithi: “Sikuphange ngani na? Kweshumi neminikelo.


Wonke u-Israyeli emihleni kaZerubabele nangezinsuku zikaNehemiya wayenika izabelo zabahlabeleli nabalindisango, usuku ngalunye isabelo salo; bazingcwelisela amaLevi izipho ezingcwele; amaLevi angcwelisela amadodana ka-Aroni.


Ziqaphele ukuthi ungamshiyi umLevi zonke izinsuku zakho emhlabeni.


Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba banike amaLevi efeni lefa lawo imizi ukuba ahlale kuyo; futhi kumelwe unike amaLevi amadlelo emizi ezungezile.


Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaLevi bayakuletha umnikelo kakolweni, owewayini, nowamafutha emakamelweni, lapho izitsha zendlu engcwele, nabapristi abakhonzayo, nabalindisango, nabahlabeleli, futhi ngeke siyishiye indlu kaNkulunkulu wethu.


Ngaphezu kwalokho, wayala abantu ababehlala eJerusalema ukuba banike abapristi namaLevi isabelo, ukuze baqiniswe emthethweni kaJehova.


Awungilethelanga amawundlu eminikelo yakho yokushiswa; futhi awungidumisanga ngemihlatshelo yakho. Angikwenzanga ukuba ukhonze ngomhlatshelo, angikukhathazanga ngempepho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite