Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 11:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 OSabhethayi noJozabadi ezinhloko zamaLevi babephethe umsebenzi wangaphandle wendlu kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 noShabethayi noJozabadi bezinhloko zamaLevi ababephethe umsebenzi wangaphandle wendlu kaNkulunkulu,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 uShabhethayi noJozabhadi beyizinhloko zabaLevi ababephethe umsebenzi wangaphandle wendlu kaNkulunkulu,

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 11:16
8 Referans Kwoze  

OJehuwa, noBani, noSherebiya, noJamini, no-Akubi, noSabhethayi, noHodiya, noMahaseya, noKelitha, no-Azariya, noJozabadi, noHanani, noPhelaya, namaLevi, baqondisa abantu umthetho, nabantu bema ezindaweni zabo.


Ngosuku lwesine kwalinganiswa isiliva negolide nezitsha zendlu kaNkulunkulu wethu ngesandla sikaMeremoti indodana ka-Uriya umpristi; kanye naye kwakungu-Eleyazare indodana kaFinehasi; kanye nabo kwakunguJozabadi indodana kaJeshuwa, noNowa, indodana kaBinuwi, amaLevi;


Kuma-Ishhari, uKhenaniya namadodana akhe babengabangaphandle kwa-Israyeli, izinduna nabahluleli.


KumaLevi u-Ahiya wayephethe ingcebo yendlu kaNkulunkulu nengcebo yezinto ezingcwele.


KumaLevi: nguShemaya, indodana kaHashubi, indodana ka-Asirikamu, indodana kaHashabiya, indodana kaBuni;


UMathaniya, indodana kaMika, indodana kaSabidi, indodana ka-Asafa, wayeyinhloko ukuqala ukubonga emkhulekweni; noBakibukiya owesibili kubafowabo, no-Abisa, indodana kaSamuwa, indodana kaGalali, indodana kaJeduthuni.


Kuphela ngoJonathani indodana ka-Asaheli noJahasiya indodana kaThikiva ababesebenza kule ndaba; oMeshulamu noSabhethayi umLevi babasiza.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite