Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 11:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Izikhulu zabantu zazihlala eJerusalema; abanye abantu benza inkatho yokubeka oyedwa kwabayishumi ukuba ahlale eJerusalema, umuzi ongcwele, nezabelo eziyisishiyagalolunye kweminye imizi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Izinduna zabantu zahlala eJerusalema; abantu abaseleyo benza inkatho ukuyisa omunye kwabayishumi njalo ukuba ahlale eJerusalema, umuzi ongcwele, nabayisishiyagalolunye kweminye imizi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Abaholi babantu bahlala eJerusalema; abantu abaseleyo benza unkatho, bakhetha oyedwa kwabalishumi ukuba ayohlala eJerusalema, umuzi ongcwele, nabayisishiyagalolunye emizini yakubo.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 11:1
21 Referans Kwoze  

Ngoba bazibiza ngabomuzi ongcwele futhi bahlala kuNkulunkulu kaIsrayeli; NguJehova Sebawoti igama lakhe.


Vuka, vuka; Gqoka amandla akho, Ziyoni. Gqoka izingubo zakho ezinhle, Jerusalema, muzi ongcwele, ngokuba kusukela manje kuqhubeke abangasokile nabangcolileyo abasayikungena kuwe.


Onke amaLevi emzini ongcwele ayengamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili nane.


Senza inkatho phakathi kwabapristi namaLevi nabantu ngeminikelo yokhuni ukuba bayingenise endlini kaNkulunkulu wethu njengezindlu zawobaba ngezikhathi ezimisiweyo iminyaka ngeminyaka, ukushisa i-altare kaJehova uNkulunkulu wethu, njengokulotshiweyo emthethweni.


USathane wayesemthatha wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli.


Basebekhuleka bathi: Wena Nkosi, owazi izinhliziyo zabantu bonke, tshengisa ukuthi kulaba ababili omkhethileyo.


baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe bangena emzini ongcwele, babonakala kwabaningi.


Inkatho yenzelwa emathangeni; kepha konke ukulunga kwakho kungokukaJehova.


Ngoba kukhona izihlalo zobukhosi ezimisiweyo zokwahlulela, izihlalo zobukhosi zendlu kaDavida.


Benza inkatho, kusukela kwabancane kuya kwabakhulu, ngokwezindlu zawoyise, ngesango ngalinye.


UJoshuwa wabenzela inkatho eShilo phambi kukaJehova, uJoshuwa wababela khona izwe abantwana bakwa-Israyeli ngokwezabelo zabo.


Basebebenzela inkatho; inkatho yadla uMathiyasi; wabalwa kanye nabaphostoli abayishumi nanye.


EJerusalema kwahlala abanye babantwana bakwaJuda nabanye babantwana bakwaBenjamini nabanye babantwana bakwa-Efrayimi noManase;


Laba babeyizinhloko zawoyise ngemindeni yabo, amadoda ayizinhloko. Babehlala eJerusalema.


Wabhalwa kanjalo wonke u-Israyeli ngezizukulwane; bheka, zilotshiwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli nakwaJuda, awathunjelwa eBabele ngenxa yeziphambeko zawo.


Abakhileyo kuqala emafeni abo emizini yabo kwakungu-Israyeli, nabapristi, namaLevi, namaNethini.


Ngaso leso sikhathi ngathi kubantu: “Yilowo nalowo makalale nenceku yakhe eJerusalema, ukuze zibe abalindi bethu ebusuku, basebenze emini.


Khulekelani ukuthula kweJerusalema: bazaphumelela abakuthandayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite