Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 10:28 - Contemporary Zulu Bible 2024

28 Bonke abanye abantu, abapristi, namaLevi, nabalindisango, nabahlabeleli, namaNethini, nabo bonke abazahlukanisa nabantu bamazwe ngokomthetho kaNkulunkulu, nawomkabo, namadodana abo, namadodakazi abo, yilowo nalowo onolwazi nokuqondisisa;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Abantu abaseleyo, abapristi, namaLevi, nabalindisango, nabahlabeleli, namaNethini,* nabo bonke ababezahlukanisile nabantu bezwe ukuba bazihlanganise nomthetho kaNkulunkulu, nawomkabo, namadodana abo, namadodakazi abo, bonke ababe nolwazi nokuhlakanipha,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

28 Abanye abangagagulwanga ngamagama, abaphristi, abaLevi, abalindisango, abaculi, izisebenzi zasethempelini, nabo bonke ababezehlukanisile nabezizwe, bazihlanganisa nomthetho kaNkulunkulu, nomkabo nabantwana babo, bonke ababenolwazi nokuqonda,

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 10:28
16 Referans Kwoze  

Abantwana bakwa-Israyeli bazehlukanisa kubo bonke abezizwe, basukuma, bavuma izono zabo nobubi bawoyise.


UPawulu, inceku kaJesu Kristu, owabizelwa ukuba ngumphostoli, owahlukaniselwa ivangeli likaNkulunkulu,


Uzafunga uthi: Kuphila kukaJehova ngeqiniso, ngokulunga langokulunga; izizwe ziyakuzibusisa kuye, zizidumise Ngaye.


Ungasheshi ngomlomo wakho, futhi inhliziyo yakho mayingasheshi ukukhuluma phambi kukaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu usezulwini, wena usemhlabeni; ngakho-ke amazwi akho kufanele abe mancane.


Ngokuba uNkulunkulu uyiNkosi yomhlaba wonke; ihubo ngokuqonda.


Lapho bezwa umthetho, bahlukanisa yonke ingxubevange yakwa-Israyeli.


U-Ezra, umpristi, wawuletha umthetho phambi kwebandla labesilisa nabesifazane, nabo bonke ababe nengqondo yokuzwa, ngolokuqala lwenyanga yesikhombisa.


Abapristi namaLevi nabanye abantu nabahlabeleli nabalindisango namaNethini bahlala emizini yabo, no-Israyeli wonke emizini yabo.


Kodwa ngathi kini: Lizakudla ilifa lelizwe labo, njalo ngizalinika lona libe ngelenu, ilizwe elichichima ubisi lezinyosi; nginguJehova uNkulunkulu wenu owanithatha ezizweni ezihlukeneyo.


Abantwana bakwa-Israyeli ababebuyile ekuthunjweni, nabo bonke ababezahlukanisile nokungcola kwezizwe zezwe, ukuba bafune uJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, badla;


uMaluki, uHarimi, uBahana.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite