Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 1:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 wathi: “Ngiyakhuleka kuwe Jehova Nkulunkulu wezulu, Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nesihawu kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 ngathi: “Ngiyanxusa, Jehova Nkulunkulu wezulu, wena Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa nabakuthandayo nabagcina imiyalo yakho,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Ngathi: “Ngiyakunxusa Simakade, Nkulunkulu wezulu, Wena omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nothando olungenambandela kulabo abakuthandayo, begcina imithetho yakho.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 1:5
18 Referans Kwoze  

Futhi ngihawukele izinkulungwane zalabo abangithandayo futhi bagcine imiyalo yami.


Ungabesabi, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe, uNkulunkulu onamandla nowesabekayo.


Ngase ngibheka, ngasukuma ngathi ezikhulwini nakubabusi nakwabanye abantu: “Ningabesabi; khumbulani uJehova, omkhulu nowesabekayo, nilwele abafowenu, namadodana enu, namadodakazi enu, omkenu, nezindlu zenu.


Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano nomusa kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe ezizukulwaneni eziyinkulungwane;


Ngakho-ke, Nkulunkulu wethu, Nkulunkulu omkhulu, onamandla nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa, makungabi kuncane konke ukuhlupheka phambi kwakho osehlele, phezu kwamakhosi ethu, naphezu kwezikhulu zethu, naphezu kwabapristi bethu. Naphezu kwabaprofethi bethu, naphezu kwawobaba, naphezu kwabo bonke abantu bakho, kusukela esikhathini samakhosi ase-Asiriya kuze kube namuhla.


Wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, akakho uNkulunkulu onjengawe ezulwini naphansi emhlabeni, ogcina isivumelwano nomusa ezincekwini zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo.


Yisiphi isizwe emhlabeni esinjengabantu bakho u-Israyeli, uNkulunkulu ahamba ukubasihlengela bona sibe ngabantu bakhe, ukuze azenzele igama elikhulu nelesabekayo, ngokuxosha izizwe phambi kwabantu bakho owabakhulula eGibithe;?


Ngokuba uJehova oPhezukonke uyesabeka; uyiNkosi enkulu emhlabeni wonke.


Ngokuba ngathi: Umusa uyakwakhiwa kuze kube phakade; Ukuthembeka kwakho kuyakukuqinisa ezulwini.


Ngenza isivumelwano nabakhethiweyo bami, ngafunga encekwini yami uDavide,


“Kuyakuthi, uma ulalela lezi zimiso, uzigcine, uzenze, uJehova uNkulunkulu wakho uyakukugcinela isivumelwano nomusa akuthembisa oyihlo ngesifungo.


Usho kanje uKoresi, inkosi yasePheresiya, uthi: “UJehova uNkulunkulu wezulu unginikile yonke imibuso yomhlaba; wangiyala ukuba ngimakhele indlu eJerusalema lakwaJuda.


Inkosi yasisithi kimi: Ucelani? Ngakho ngakhuleka kuNkulunkulu wezulu.


Bonke benza uzungu ukuze beze balwe neJerusalema futhi balivimbele.


Uthumele ukwahlulela kuvela ezulwini; umhlaba wesaba, wathula;


Jehova Nkulunkulu Sebawoti, ngubani onjengawe uJehova na? noma ekuthembekeni kwakho okuzungezile?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite